Babawethu osezulwini
Igama lakho siliphakamisile kepha umbuso wakho awukakafiki
Kunini sikhala silila
Kunini sehla senyuka sizama umthombo wamandla
Kuhle kwezintutwane zasehlobo
Imizamo yentsha ka1976 yaphelelaphi na?
Imizamo yamaqabane ayelwela inkululeko yashabalelaphi na?

Nali izwe lishabalala intsha ikhathele
Babodwa abakhomba abanye
Omunye ukhomba omunye
Kanti ubani oyovuma ubuvila
Kunini sibeka abamhlophe icala
Siphinde sibeke nabamnyama
Kanti sizwe sethu kutheni?