Inhliziyo yomunt’idla ekuthandayo.

Namanje ngisasho, ntombi yim’okuthandayo.

Uz’ungazenyezi, kuwe kuning’engikuthandayo.

Baningi bazokukhohlisa, yimi okuthandayo.

Eyam’inhliziyo ifuna wena,

Uqobo lwami ludinga wena,

Nguwena oyithemba lami,

Ngiyethemba uwen’ubambo lwami.

Anginakuthembis’izulu nomhlaba,

Nebhanoyi soze ngikuthengele,

Phela mina anginalo ihaba.

Ikhaya lakho lingenhla kwalomkhaba,

Enhliziyweni yami kusekhaya lakho.

Ngifisa sikhule ndawonye themba lami.

Ngifisa sigugele ndawonye bambo lwami.

Ucu oluhle luhamba ngalubili,

Namasongo akhala uma emabili,

Masihlale sobabili singamvumeli owesithathu.

Ngawe sthandwa sami anginazinhloni,

Izihloni pho? Phinde mtakwethu!

Inhlonipho yami yonke ingeyakho,

Masihlale ngokuhloniphana mtakwethu.

Nabantu bayosihlonipha ngokwenza njalo.

Anginagugu kulomhlaba ngaphandle kwakho.

Ngiyoculelwa amagugu ngaphandle kwakho.

Anginangcebo ngaphandle kothando lwakho.

Ngothando lwakho ngicebile kakhulu.

Ngamadolo ngithe mba!

Mdolomba ngicel’ubuhlob’obuhle.

MaMyeni omuhle nginesicelo,

Ngicel’ukuba ngowakho umyeni.

UNongalo wakh’uyohlal’ekuthanda.