Dear nkosazan’ emhlophe njengezihlabathi zolwandle,

Nakhu ngithilileka njalo ngezinkathi zantambama ngiyafa ngamakhaza ngaphandle,

Intokomalo nemfudumalo yami yakhelwe kweyakh’ inhliziyo dade,

Ake ngizethule lakuwena nakhu senginhlanhlatha nganda.

Ntokazi yasemzini 

Ngiyinsizwa yase Manyamandeni, Ake ngibuze kancane.

Ngayibuza isibongo yanqaba naso lentokazi,

Muntu wasemzini,

Intombi ukuze izizwe ibalulekile kufanele uyibize ngesibongo.

Wabe esengibekela uMaDlamini – uMaMzizi ka Malandela.

Ngavele nganqena nokweshela ngayijamela,

Yabonga.

Ngabe sengithi ntokazi ungabongi mina,

Ubothi mawufika ekhaya ubonge lesibeletho esakuthwala.

Ngoba yisona esakhiqiza leligolide eliphambi kwami.

Buka nje ukumamatheka kwakho ungafunga ungudokotela wamazinyo,

Wancuma ngivele ngizwe umuzwa omnand’ enhlizweni yami.

Isikhumba sakho sithambe ngathi yingane encan’ eqeda kuzalwa.

Uyazi ntokazi ngisalokhu ngizibuza namanje,

Ukuthi labantu abasebenza emayini bemba igolide nesiliva,

Bakumbelani lokho ngoba nali nje likhona leli golide elinguwena.

Mntanomunt’ umuhle ngathi ugeza ngothando,

Bese ugcoba ngethemba,

Bese uthi mawuphum’ egcekeni lakini wembathe ubuhle bakho.

Jama ka Sjadu ubovumela leyo nhliziyo yakh’ izothokoza kulo mthombo wothando.

Angeke ngithi ngiyakuthanda kepha ngizosebenzisa igama elikhethekile,

Elithi ngisifuba esakhiwe sathakwa sanongwa ngobuhle bakho,

Mntanomuntu kungabe uyangifaka noma uyangikhipha?

Nkosazane umlomo uyalithenga nje ibhanoyi?

Phela ungasho ukuthi umuntu uyamthanda ngomlomo ekubeni inhliziyo isho okunye.

Ngibhala incwad’engenasihloko

Ntokazi ngiyathemba uthando lwami uzoluthola ulizwe kulencwadi yami

By: Siyethemba Dizzmar Thwala