Igamalami ngiyinkondlo kaStheklo!

UStheklo umfana oneminyaka emashumi amabili nesihlanu.

Uhlalendaweni yase Vilatura, esigodini sase Phorinyoni.

Uhlala noMama wakhe, kanye noBhuti wakhe omshiya ngeminyakemithathu.

Bahlala bebathathu endlineyodwa, endawenencane yase Vilatura.

Qishe onke amaJarita eseVilatura, agqwele ngezindlu eziningi futhi ezincane kakhulu, ekubeni indlu ngayinye iyikhaya lomndenothile.

Impilwinzima ma ubona abantu behlala bebaningi endlini eyigumbi elilodwa elincane.

Ayikholulimpilo ma ubonabantu behlanganyeli thoyilethi.

Kunzima ukuthazibambe zingaphumi, zehla kakhulu futhi nenhliziyo, ibhlungu.

Ngalenkondlo kwehlizinyembezi.

Umhlabuhlabimpilo kaStheklo.

Kuyo yonalenkondlo kukhala yena, uStheklo.

Ngalenkondlo kwehla zonizinyembezi.

Kuzwakalisikhalwesikhulu.

Uphiyenothimpilwilula, uphiyenothi akabazi ubunzima bomhlaba?

Ngalenkondlo ngikhuluma ngempilwengelula.

Umhlabuyihlabilimpilo kaStheklo.

Uthebuzayonalenkondlo, “luphilonuthando?”

Kuphela ithemba.

Kuphele ngisho nenjabulo.

Uzisulinyembezi, ufihlela bona abantu kuthi bengaboni kuthi ubekhala.

Ma enabantu uhleka kubengathi konke kuhamba kahle, kanti lutho impilwinzima.

Ufuna umsebenzi, awutholakalumsebenzi.

Wona lo ayesebenza kuwo, udlalengawo.

Namhlanje uzimisele kodwa awutholakali umsebenzi.

Ubengazazi kuthi ufunani, ubedlimali abengathi akazankhe abenemali.

Uyafundemaphutheni, uyabonukuthi uzibambe yena ngokwakhe.