Bathi singabo phela mandla!

Yebo kunzima emhlabeni. Akekho ongehli izinyembezi, umhlaba uyahlaba. Sonke siyahlabeka. Kodwa bambelela, ufeze amaphupho akho.

Ma kunge wena olwela impilo yakho, akekho ozoyi lwela. Qina, uyi bambe noma ishisa. Bathi akekho owathi kuzoba lula. Manje kungani ufuna kuthi kube lula?

Ngoba sizwile kwaba phambili, bethi okuza lula kubuye kuhambe lula. Bambelela kulokho okufunayo, ngisho noma ngabe izinto azihambi kahle. Qina, ungapheli amandla.

Ibambe noma ishisa, uyiqhube noma bethi anyekhe uyiqhube. Uwafeze noma ngabe kuza siphi isivunguvungu. Ngisho noma ngabe usulahlekelwe yithemba. Sukuma wenze, ufeze wonke amaphupho akho.

Iphupho lakho lithembe wena, nawe themba lona. Ukuphila kwakho kuyilo ithemba lokufeza onke amaphupho akho. Ungavumi ukuphelelwa ngamandla ungekafezi iphupho lakho.