Hhawu! Bengith’ Uyangithanda



Uyintonkazi enhle ngesizotha

Umuhle vele ngokwemvelo

Ngokwemvelo ugcwele ukukhalipha

Lezi zinto zayikhanga inhliziyo yami zay’thatha

Kudala ngidibana nezimbila zithutha

La kuwe bengithi ngizokwakha ikhaya

Bengithi ngizohlala angisoze ngathutha

Ngakh’uthando oluqinile libe ikhaya

Uthand’ oluzomelana nenamandla imimoya

Uthando olubheka lokho esiyikho

Ngisho uthando oluhlayo

Uthando olubekezelayo

Uthando olucabangelayo

Uthando olubonelelayo

Uthando oluxolelayo noma izono zingabomvu

Uthando oludlulisayo lishiye amaphutha ngemuva

Uthando olunamathelayo entweni

Noma kungathiwa isiphetho sivela kamuva

Uthando oluthanda ngeqiniso

Ngifikile kuwe ngobumsulwa bami

Phambi kwakho ngazibika njensizwa nami

Ngichaza ubumina ngangadla ngamabala

OkweNgwe yona edla ngawo amabala

Isifiso sami ngawe besisihle sijulile

Ukuba ngithathe le mbali enhle enguwe

Hhayi ukuzoshanela kodwa ukuhlobisa awakithi amabala

Angikuthembisanga izulu nomhlaba

Ngoba okwalelizwe kuyashabalala

Uthando lweqiniso lunjemanzi okuphila

Nembala wavumelana nami wangaphika

Njengembali udinga uthando olunjalo

Mina uqobo lwami anginabo ubukhazikhazi

Obukhazimula bukude le okwezinkanyezi

 Obuthi bunganyamalala bushiye izibazi

Mina angishalazi iqiniso ngiyalazi

Uthando olusheshayo alumnandi 

Lubuhlungu lubaba njengamashashazi

Luphela kalula njengomdlalo weshashalazi

Ngisho nezazi ziyavuma othandweni akulula

Bengithi uyazi ungesazi esidinga ukwazi

Othandweni kunezosizi nezokujabula izinyembezi

Uthando luyaziswa luphathwa njengengilazi

Lwaphihlika yeka usizi olungenamnikazi

Kwenzekile kuMsizi Shezi, nakuNokwazi wakwaMashazi

Njengami bengithi ukubonile lokhu usuyakwazi

Usuyazazi awunyakazi ntokazi ndoni yamanzi

Ukuthi yini oyifunayo uthando hhayi ubukhazikhazi 

Ngoba isango lokungena nokuphuma othandweni libanzi

Wangininka isikhathi sakho ngiyavuma

Wangilalela wangilalelisisa ngiyavuma

Wanginakisisa ngesisa esinokwazisa ngasazisa

Angizange ngibe mude ngamazwi okuzazisa kuwe

Ngathi kuwe: ntokazi ngicela uthande uqobo lwami

Namuhla uthando selubiza amanani

Ngingumuntukazane nje anginabani

Ngithande ngaphezu kokuthi anginani

Noma ngingenani kodwa ukuba nawe 

Empilweni yami ziyongikhanyela nami izibani

Kwazi bani mhlawumbe nguwe isibuko sami

Ukuba nawe ngizokubheka njengesibusiso sami

Nami kuwe ngibe isibusiso hhayi isiqalekiso

Sikhumbula ukuthi lixhoshwa libhekile iso

 Ngala mazwi ngangithi ankeneneza kamnandi

Kwezakho izindlebe anjengomculo omnandi

Ngafinyelela isiphetho sokuthi uyangithanda

Wathi ungezwa ukuthi ngingubani

Ngihlala kuphi ngizalwa kwabani

Ngokwemvelaphi yami ngivela…

Ukusuka nokuhlala ngakuchazela

Lokho engiyikho nalokho engikufisayo

Nobunzima engibhekene nabo kodwa ngisengophokophelayo

Okwamanje yizo izinto ezenqabayo ezingiphikayo

Waba umuntu onodlebe noqondayo

Ngasho ukuthi ngaze ngamthola ongiqondayo

Umaqonda wami ongithandayo

Kwenzeka lokhu nesikhathi siyahamba

Nezinsuku ziyandlula azikwazi ukuzibamba

Ekugcineni ngahluleka ukuzibamba

Ngakutshela ukuthi ngiyakuthanda

Ngezwa ukuthi uyathamba 

Angizange ngilokhu ngibhambatha

Kweyami inhliziyo uyathandeka ngempela

Ngizokwembatha olwakho uthando unomphela

Ngoba la kuwe angizange ngithatheke

Komunye nomunye sizothembeka

Ngothando lweqiniso hhayi lokuthatheka

Ngoba kwelokuthatheka lukholisana ngokukhohliseka

Ekugcineni lugcine selunengeka

Bengithi ufuna uthando lweqiniso

Olungenayo nakancane inkohliso

Hhayi olukudaka okwesikhana okwemilaliso

Kodwa uthando olumsulwa olungenayo indibaniso

Uthando olumi njalo ngengxa yezimiso

Hhawu yajika inyama oqokweni!

Koma ngisho nasozwaneni!

Angazi ukuthi zoniwe yini izinto zisuka nje

Lapho bengithi izinto zinje

Ngisajabulile izinto zajika zaba nje

Konje kwenziwa njani uma seku nje

Besengibheje ngalo lonke uthando lwami kuwe

Ngibheke omuhle umklomelo ngithi angeke ngigeje

Izinyangana nje ngisajabulile ngenamile

Ngisathi le ntonkazi ngiyithathile ingithandile

Ingabe enhliziyweni ngizidukisile ngizikhohlisile

Enhliziyweni yami ngawe bengizizwa ngiphilile

Wawelapha amanxeba abangelwa nguPhilile

Kanti amaphutha nezenzo zami kungiphikisile

Nginganakile kanti azogcina engikhiphile

Ngazehlisa ngawavuma ngaxolisa ngixolisile

Ngiyavuma njengomuntu ngikudumazile

Uthando lwami namaphutha ami kuziphikisile

Ekugcineni wavuma ukuthi uwesulile ungixolelile

Kanti washo ukuthi: “lala laza ngikwengulile”  

Ngafela ukuthi izinto mazenzeke ngeqiniso ngendlela ehlelekile

Iqiniso othandweni lwenza izinto zishelele

Futhi alishalazeli izinto ezingalungile

Mina wangona ngathula ngabekezela

Kokunye bengikwazi ukukutshela

Angazi noma naloku kwaba nomthelela

Ngithi ngiyalungisa kanti ngiyazimoshela

Ngazama ukukuphaphamisa nakhu wozela

Uthando lwethu seluyalokozela

Masilikhwezele lungakacimi masiluvethele

Asikwazi ukuliyekelela lulothe

Kwafana nokuthi ngizithela ngabandayo

Ngazehlisa ngazibeka phansi kuwe

Ukuze izinto nobudlelwane bethu bulunge

Ngaxolisa ngixolisile ukuze izinto zilunge

Ngakubuza kaninginngi ukuthi uyangithanda na

Ngangibuza ngoba lolu thando luselusha sha

Wathi okwamanje awazi ukuthi uyangithanda noma

Noma kunjalo ngangiyidinga impendulo

Kimi lo mbuzo ubuzoba isixazululo

Ngempendulo yakho bengingadingi ukuthi ube mningi

Lo mbuzo wawubalulekile wawungakulingi

Khona ngizokwazi ukuthi selunciphile aluseluningi

Kwavele kwangihlwela emini

Othandweni lwethi usufake ungqi

Hhawu! Bengithi uyangithanda…!

Bengithi ungithanda nginjena

Bengithi siyohlale sithandana

Sobabili bengithi singomaqondana

Ngezinye izikhathi siyohlukana sihlakazeke

Kodwa ngothando soqoqana sinamathelane

Ngemibono besingeke savumelana

Kuyo yonke into besiyokhulumisana

Sisebasha othandweni siyokhulisana

Izinto zixazululwa ngokhulumisana

Hhayi ngokulumana nangokuqagulisana

Izingqinamba besizolwisana nazo ngokubambisana

Siqabulane ngamazwi amnandi sincokolisana

Hhawu! Bengithi uyangithanda…!

 Bengithi ungithanda ngingelutho

Uzongithanda ngize ngibe utho

Lapho ngidangele unginike umfutho

Ngize ngibe namandla okwebutho

Bengithi awunendaba nokuthi ngidabuka eMaputo

Ngingenandaba nokuthi udabuka kuleli noma eLesotho

Sengisho noma ngingamile kahle nakwezomnotho

Bengithi selifezekile nelami iphupho

Hhawu! Bengithi uyangithanda ngempela

Komunye nomunye siyozibophezela

Kukuhle kunzima siyozidela

 Uwa uvuka nami ubuyozibophezela

Kuze kube umhla wokuphela

Kweyami inhliziyo uze ngokuzohlala

Abaningi bayiphendule ithoyizi lokudlala

Bashiya bayikhohlwa kanjalo bayilahla

Bekungekho ukuthi ngelinye ilanga uzongilahla

Okwekati kuwe sengifake izidladla

Ibijabula inhliziyo yami ibinomdlandla

Hhawu! Bengithi ulubambo lwami

Bengithi uyisithandwa sami

Uzohlale ungumngane wami

Ngikufake indandatho ube ngumkami

Besengizibona ngingumnumzane nami

Ube ngumama wekhaya la kwami

Bengithi uyikusasa lami

Bengithi lez’ izibusiso zothando ezehla okwemana ziqeda ubumpufo bami

Kanti ubumpofu bami bungivimbela izibusiso zothando ezinjengemana

Hhawu! Wangishya nginkemile

Thando ungishiye ngisamangele

Kweyakho inhliziyo usungisulile

Ngisho nanamuhla ngisadumele

Hhawu! Bengith’uyangithanda…!

Ibhalwe ngu:

S’thembiso Sydney Msezane