Wehlul’ abaningi gabha Lamagabha,

Izelelesi nabahlakaniphile bayagoba

Ngiba nengebhe, uma ngikucabanga

Ngiyiqalekise iminyaka yakho,

Namhlanje ngiyinhlwa, ngawe nje.

Indodana ijikela uyise ngawe nje

Baphi abanumzane bemizi?

Baphi abafana nezazi?

Ziphi izicebi ezaziwayo?

Ziphi izintokazi zakwabo

Imilomo isibomvu, kuhle kwemilomo yezinyoni

Ziphi izifundiswa zakithi?

Ngiyakwesaba gabha Lamagabha

Ngiyakwesaba gabha Lamagabha unezehlakalo eziningi

Unamandla ngempela uma usufikile,

Wenz’ omama badel’ abantwana,

Wenza izintokazi ziphele ubuhle, 

Wenza izinsizwa ziphenduke amakhehlana.

Ushiya kukhalwa emizini eminingi,

Abant’ bakhala ngezinsizi uma usubabambile,

Bakhumbule izinsuku esezadlula,

Bakhumbule ubuhle ababenabo

Kungeke kusajika lutho.

Imali ayibonwa ngenxa yakho

Kube ukuhola pheliyane !

Kuhlengezel’ izinyembezi kubantu

Kuqale ingoma yokubalisa,

Ningibona nje, nganginganje ngenziwa u—-

Umlomo ubomvu tebhu,

Izihlathi zimnyama bhuqe,

Izinyawo zimhlophe kuhle kweqhwa.

Gabha Lamagabha ngiyakwesaba

Uyakwazi ukubambezela abantu

Ngiyakwesaba gabha lamagabha