Wehlul’ abaningi gabha Lamagabha,
Izelelesi nabahlakaniphile bayagoba
Ngiba nengebhe, uma ngikucabanga
Ngiyiqalekise iminyaka yakho,
Namhlanje ngiyinhlwa, ngawe nje.
Indodana ijikela uyise ngawe nje
Baphi abanumzane bemizi?
Baphi abafana nezazi?
Ziphi izicebi ezaziwayo?
Ziphi izintokazi zakwabo
Imilomo isibomvu, kuhle kwemilomo yezinyoni
Ziphi izifundiswa zakithi?
Ngiyakwesaba gabha Lamagabha
Ngiyakwesaba gabha Lamagabha unezehlakalo eziningi
Unamandla ngempela uma usufikile,
Wenz’ omama badel’ abantwana,
Wenza izintokazi ziphele ubuhle,
Wenza izinsizwa ziphenduke amakhehlana.
Ushiya kukhalwa emizini eminingi,
Abant’ bakhala ngezinsizi uma usubabambile,
Bakhumbule izinsuku esezadlula,
Bakhumbule ubuhle ababenabo
Kungeke kusajika lutho.
Imali ayibonwa ngenxa yakho
Kube ukuhola pheliyane !
Kuhlengezel’ izinyembezi kubantu
Kuqale ingoma yokubalisa,
Ningibona nje, nganginganje ngenziwa u—-
Umlomo ubomvu tebhu,
Izihlathi zimnyama bhuqe,
Izinyawo zimhlophe kuhle kweqhwa.
Gabha Lamagabha ngiyakwesaba
Uyakwazi ukubambezela abantu
Ngiyakwesaba gabha lamagabha