Dwala elimiphakade elingu sonini nanini.

Mthunzi wokuphephela ongenabusika nahlobo.

Senze nathi sikufuze singakukhiphi

Okubabayo nangeyethu imilomo.

Ungasemuki inhlonipho oyifundisa

Mihla namalanga.

Mthandi wezoni ongabambeli magqubu

Nabakuthukayo uyabemukelisa.

Senze sikufuze nathi sibathethelele aba sonayo

Singa buyiseli okubi ngokubi.

Nesebedeliwe wena uyababuyisela

Endleni bashiye bonke ubulwane obungasindawo.

Iziqhwaga zilahle ubuqhwaga.

Amasela alahle ubusela.

Ababulali bashiye phansi ukubulala.

Abakhunkuli bashiye phansi ukukhunkula.

Lifa lini elingasenza sikudele?

Siphe amehlo okubona wena ngaphezu kwezinto zonke.

Khazimula ngaphezu kwabo bonke ubukhazikhazi.

Indlebe yakho mayingakudeli ukukhala kwethu.

Vala indlebe zethu zingabezwa abalwa impi

Yokusi khipha kuwe.

Noma wembethe inyama yakobantu

Siyakubona ukuthi unguye onguye.