Bekuwumusa nokuphila kwami

Impilo yami ihlezi entendeni

Yesandla sakhe Kungomusa

Impilo yami ikutheketheke ngiyavuma

Ngisazophila manje Ngisazophila futh

Bekungekho nje kweyami impilo

Kuthe noma sengiphethwe ngamashidi

Bengakhohlwa ukuba eyami impilo isazoqhubeka

 

Bengizwa besho bekhuluma amagama

“Kungani engavumi izon zakhe”

“Kungani ezwise izingane ubuhlugu”

Bayakhuluma impela lapho eyami

Inhliziyo ziyo ifisa okukhulu

KUTHI lapho ngimemeza ngidinga ukudla

Kunyamalale konke eceleni kwami

 

Bantwana bami ngiyazi Kunzima

Ngiyavuma nidinekile ngami

Nikhathele ngami nokuhlushwa yimi

Angazi nami konakale kephi

Futhi kolunga nini noma sekukuphela

Kwendlela engayinikwa usomandla

Koda ngokuthemba nangomuthandazo

Ngiyethemba ngisazo phila futhi

 

Impilo yami isentende yesandla sakhe

Khalali nihleke ningikhifele ngamathe

Uma konke kuyintando yenu

Nazo ukuba bengekho nje

Futh angeke kuphela kanjen

Lapho ngisho ithemba seliphelile nakimi

Izinhlangothi zami ziyakhathala

Ngibheke phezulu ngethemba lokuba

Ujehova umelusi wami uzongikhetha ohlwini

 

Izolo lami libi ngihlanzekile ngokwamoya

Ngiyazi kepha angazi ngoneni kephi kubani

Kuhluleke nyanga bathandazi ngaphehla ngobonga

Ngabiza bonke abakithi…laba linye kwavuleka

Konke lapho ngase ngidele konke ngempilo

Ngithi ujehova Ukhona uyaphila

Iziviviyo zikhona ungalahli Themba

Hlala endleni yakho thandaza ungemi

 

Yebo akulula kepha konke okucela kuye

Kuzokwenzeka… Impilo yami iwumusa

Wakhe Ngiyethemba uyaqonda

Bekungelula… Koba nzima ngisho

Ejerusalamu