Noma kunzima

Kodwa kuyangiphoqa ngisithe isinqumo.

Sengiyaziyeka

Ngithi azidle amahlanga.

Kuzongisiza ngani mina kababa

Ukufela ubala?

Ngizamile ngenhliziyo yam

Emnene engafaniswa neyamuntu.

Ebebefikela kwezami izandla

Bengibacathulisa.

Ngibafundisile babonga

Kodwa ekugcineni bangibo njengomuntu ofuna ukubaphatha.

Kulungile noma kunjalo

Ngithi aziwadle amahlanga.

Lapho ithendele selibindwa isidwa

Bayongikhumbula.