Dear Nhliziyo
Ngithi xola noma sekulati
Vele amanga asoze aphumelela
Inhliziyo ibihlale ingaphumule
Kuthiwa phuma kongakunakile uzifundise ukivele uphunyuke
Impilo iyazifanela nosuku ekuseni kuyakhanya ntambama kumnyama
Loluthando ebekade ngithembele kulona lungishiyile
Inhliziyo ibuhlungu noma kade izenzo sezisho ukuthi kukhona okusekushintshile
Vele futhi uthando ngakuye selungekho
Inhliziyo yam ibidudwa amanga
Kepha mina sengisukile kuye
Angimnaki ke onganginakile
Noma esengishiyile ngeke ngimlandele ke ngizozijwayeza ukuphunyuka
Ngibonile ukuthi ngiyadeleleka ngabona kuncono ukuthi ngimshiye
Ngoba kusho uthi usemtholile obekade emlindile
Engidalelwe kona ke kuyofika noma ilanga selishonile