Asingamsoli othengisa ngomzimba, hleze akukho angakwenza,
Kwazise phela ukuthi ukuntula kwemisebenzi sekwaba yinsakavukela okomchilo wesidwaba,
Abanye bahlushwa ukuvilapha, imisebenzi ikhona ekhanda kodwa amathelente bayawangcwaba,
Abanye bakhanuka imisebenzi kodwa iziqi ziyinqwaba,
Asingamsoli othengisa ngomzimba
Kungenzeka bazitika ngaye iyona ndlela yokuvusa ikati eziko,
Umungase uhluze umqondo, uyeke ukwahlulela ungasiqonda isimo
Akusibo bonke abazophumelela nge peni nephepha
Inqubo ukubona olunye usuku
Asingamsoli othengisa ngomzimba