Asingamsoli othengisa ngomzimba, hleze akukho angakwenza,

Kwazise phela ukuthi ukuntula kwemisebenzi sekwaba yinsakavukela okomchilo wesidwaba,

Abanye bahlushwa ukuvilapha, imisebenzi ikhona ekhanda kodwa amathelente bayawangcwaba,

Abanye bakhanuka imisebenzi kodwa iziqi ziyinqwaba,

Asingamsoli othengisa ngomzimba

 

Kungenzeka bazitika ngaye iyona ndlela yokuvusa ikati eziko,

Umungase uhluze umqondo, uyeke ukwahlulela ungasiqonda isimo

Akusibo bonke abazophumelela nge peni nephepha

Inqubo ukubona olunye usuku

Asingamsoli othengisa ngomzimba