Luhle uthando lwakho!

Luyangimangaza, ubungithanda usaphila, usangithanda noma ungasekho.

Alwande njalo, uyazi mina nawe besifuna yona impumelelo, kwa fika khona ukufa, kwa khetha wena.

Namanje ngisafuna yona, impumelelo.

Uthando lwami, ngawe soze luphele, ngicela ubenami njalo.

Dlozi lami, iba nami njalo, uphumelelise amaphupho ami.

Ngibiza wena, ngoba wena uyazi kuthi injani lempilo, futhi ubunami khona la, siphila sonke.

Ngibiza wena, ngoba ngiyazi ubungifisela impumelelo, usaphila.

Olwakho uthando, lusele nami emhlabeni, othandweni lwakho, ngicela impumelelo.