Impilo ivele yashintsha nje esthubeni.

Lapho engithi kuyalunga khona, kuvele kubuyele emumva.

Koze kube inini vele ?

Ngihlezi ngizibuza ukuthi ngabe iyona mpilo ekumele ngiyiphile lena.

Iyona yini uMdali angifunela yona ?

Noma, imina nje oqalekisiwe?

Kwavalwa zonke izinto zami.

Ngabe ukhona ofake ubumnyama empilweni yami ?

Noma mhlaphe, konke okubi engike ngakwenza sekuyabuya manje ?

Sekubuya ngobumnyama, kuvala impilo yami.

Mangithatha ukubheka, ngibona engathi eyami kuphela impilo emile.

Imile nje akwenzeki lutho

Abanye kuyabalungela, mina ngisele ngedwa.

Kumele ngenzenjani ukuze izinto ziqale zikhanye ?

Nkosi angijahile lutho empilweni, kodwa nami ngithanda ukulungelwa izinto.

Shintsha impilo yami, engibona ngathi iyaphela manje.

Ngihlenge kulolubishi engikulo.

Kumnyama, angiboni kukhanya.

Ngibona ukugcola nenkohlakalo.

Ngenisa ukukhanya empilweni yami.

Ngibone injabulo nami kweyami impilo.

Ngenze ngiziqhenye ngami, ngingazibukeli phansi.

Ngoba konke lokhu okwenzekayo manje, kwenze ngicabange ubumnyama kuphela.

Ngisize Nkosi yami, uwena kuphela ithemba lami.

Uwena ongangihlenga kuloludaba.

Iba nami ngaso sonke isikhathi.

Ungikhanyisele izindlela zami.

Izinto zami zikhanye, zivuleke kube kuhle.

Ngicela kuwe Jehova olungileyo onamandla.

AMEN