Ngase ngililahlile ithemba
Sengizitshelile ukuthi ngizophila ngokweba
Ngase ngiphenduke inkinsela yesigebengu
Senginganaki ngenza konke budedengu
Unembeza wawungihlupha ungihluphile
Kwazise phela kuningi okubi esengikwenzile
Ngabe ngangifike kanjani na lapha
Kwasekukubi ngenhlanhla ngamthola ozongelapha
Ngithe ngakunyathela enkonzweni ngayibona ishintsha impilo yami
Kwabuya kimi onke amaphupho engike nganawo ngempilo yami
Ngithe ngakuzwa umfundisi ejula ngezwi ngavuseleleka
Kwabuya kimi ezamzukwana nasemoyeni ngazizwa ngikhululeka
Selokhu ngazana naye empilweni yami nginokuthula
Angisahambi ngawami amandla nasokholweni ngiyakhula
Selokhu ngazana naye izindlela zami ziyakhanya
Ngilwela impilo engcono nezinkondlo ngiyahaya