Ngase ngililahlile ithemba

Sengizitshelile ukuthi ngizophila ngokweba

Ngase ngiphenduke inkinsela yesigebengu

Senginganaki ngenza konke budedengu

Unembeza wawungihlupha ungihluphile

Kwazise phela kuningi okubi esengikwenzile

Ngabe ngangifike kanjani na lapha

Kwasekukubi ngenhlanhla ngamthola ozongelapha

Ngithe ngakunyathela enkonzweni ngayibona ishintsha impilo yami

Kwabuya kimi onke amaphupho engike nganawo ngempilo yami

Ngithe ngakuzwa umfundisi ejula ngezwi ngavuseleleka

Kwabuya kimi ezamzukwana nasemoyeni ngazizwa ngikhululeka



Selokhu ngazana naye empilweni yami nginokuthula

Angisahambi ngawami amandla nasokholweni ngiyakhula

Selokhu ngazana naye izindlela zami ziyakhanya

Ngilwela impilo engcono nezinkondlo ngiyahaya