Noma ngigqoke amajezi ezemfundo
Angiziboni ngifunde ukudlula abam abazali.
Ngisuthi noma ngilambile
Angilutho ngaphandle kwa bami abazali.
Fafundile abam abazali
Ngokubuka impilo babona kunesidingo sokuthi bangiyise esikoleni.
Okukugqoka nakho konke okwesikole
Bekuthengwa yibo ngemali yabo.
Ukusa bekubonwa yibona
Kanti nesikhathi sokuphuma endlini bengisizwa ngabo ukuthi isingahlanza indlu.
Angizazi ngingasithatha kephi
Isibindi sokuthi ngifundile kunabo.
Noma ngingawa gwamanda amandla abo
Iyokhuluma imali yabo abayikhokh’ezikhungweni zemfundo.
Namajazi engingathi ngawagqoka
Ayethengwe yibo futhi.
Abami abazali bafundile