(Bahambe baye kubo kwa Sipho. Bafice abazali bakhe, uNaMbuyisa kanye no Mabaso. Bangene, babingilele, babike udaba Luka Zinhle noSipho.)

Mabaso: Angeke sikwazi ukukhuluma indaba kaZinhle noSipho engekho omunye wabo. NaMbuyisa tshela uSipho ukuthi ayeke konke akwenzayo aqonde ngqo landlini kuyaphuthuma.
NaMbuyisa: Yebo baba.
(Emva kwemizuzwana afike uSipho.)
Sipho: Imihlola! Kwenzekani lana? Zinhle ufunani lana? Mama ungibizele lensambatheka yomsangano eyenzeka la? Nihlangene ngegama lami lana?
Mabaso (Ngolaka) Lalela la Sipho! Usihlazile kubo kwaMakoti! Kungani uhlukumeza umakoti?!
NaMbuyisa: Baba yehlisa umoya.
Mabaso: Hlala phansi Sipho bese uyasichazela ukuthi ngempela ngempela umenzani umakoti!
Sipho: (Ngomoya ophansi) Ayikho into engizoyisho.
Zinhle:(echiphiza izinyembezi) Sipho sengikhathele.
Sipho: Kulungile phela, hlukana nami!
Zinhle: (Akhiphe indandatho yakhe ayibethe etaf’leni) Ngikhathele Sipho! Ngikhathele!
NaMbuyisa: Kahle ihaba makoti. Buyisela indandatho ezandleni zakho. Kuzolunga. Emendweni kuyabekezelwa.
NaSikhosana: Zinhle unesiqiniseko salento oyenzayo?
Zinhle: Yebo ma! Ma angeke ngibekezelele udoti Mina! Sengibekezele sekwanele manje!
NaMbuyisa: Wathula Sipho. Khuluma!
Sipho: Ngikhulume ngithini mama? UZinhle akenze into ayifunayo kodwa engikwaziyo ukuthi angeke aphinde am’bone uKwanele lomfazi lo!
Mvelo: Uhambe kabi ke lapho! UKwanele uzohlala nomawakhe, akayi ndawo!
Sipho: Musa ukungilinga Mvelo!
Mabaso:Sipho angeke wehlukanise ingane nonyoko! Makoti ngiyaseseka isinqumo sakho! Uyahlanya lomfana lo!
Sipho: Ngiyalingwa ngisehlane ngempela! Salani no Zinhle wenu! Wena Zinhle ndini sizohlangana enkantolo angenziwa njalo Mina! (Asukume ahambe)

Mabaso: Siyabonga ukuthi nikwazile ukuzosibikela udaba olunzima kangaka. Makoti ngiyaseseka isinqumo sakho futhi ke ukhululeke, ayikho into azoyenza uSipho. UKwanele uzohlala nawe. Emendweni akubekezelelwa udoti! Senizohamba kahle.

(Basukume Bahambe)