(Ngakusasa, ekuseni.)

Kwanele: Mama ngizwe umsindo izolo ebusuku, bekwenzekani?
Zinhle: Bekungumsindo womabonakude.
Kwanele:: Ingabe siya kagogo?
Zinhle: Yebo siyakhona. Umalume wakho uphinde wakuthembisa imali?
Kwanele: (Ehleka) Cha mama, kodwa ungithembise ukuthi uzongimikisa ePhaki sithi ukudlala Isikhashanyana.
Zinhle: Sesifikile, gijima uye kumalume wakho.

(Behle emotweni , uKwanele aye kuMvelo obehlezi ngaphandle, uZinhle angene endlini aye kuNaSikhosana. Am’fiqe ethandaza, naye athandaze. Sebeqedile uZinhle aqale akhihle es’kaNandi isililo.)

Zinhle:(Emva kwesikhashana) Mama, sengikhathele ukukhala mihla namalanga. Izinkophe zami sezihlezi zigcwele izinyembezi kuhle komvula ogeleza nsuku zonke. Ngenzenjani? Ngicela ungitshele ukuthi ngenzenjani ngoba sengikhathele ngempela.
NaSikhosana: Angazi ngithini ngempela, kodwa Khuluma noNkulunkulu uyena ozokukhombisa indlela ndodakazi yami.

(Kungene uMvelo)

Zinhle: Ukuphi uKwanele Mvelo?
Mvelo: Ukhona langaphandle udlala nabangani bakhe. Kukhona into ebengingathanda ukuyixoxa nawe Zinhle.
Zinhle: Kwenzenjani Mvelo?
Mvelo: UKwanele ungitshela ukuthi wena no sbali senihlezi nilwa mihla namalanga nokuthi wena usuhlezi ukhala kodwa uyazama ukuthi angaboni ukuthi isimo sasendlini asikho sihle neze.
Zinhle: Ngiyazama ukungamukhombisi ukuthi ubab’wakhe ungiphethe kanjani kodwa sekusobala ukuthi ngiyehluleka.
Mvelo: Zinhle, uSipho ukwenzani?
Zinhle: Isimo sibi ngempela. Angisamazi uSipho, uvesane wangitshintshela nje.
Mvelo: Usuke wazama ukukhuluma naye njengomyeni wakho?
Zinhle: Sengikhulume naye sengize ngikhathele. Angazi ngempela ngempela ukuthi inkinga ka ikuphi.
Mvelo: Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi abazali bakhe baziswe ngalendaba.
NaSikhosana: Umqondo omuhle loyo Mvelo. Sihamba nini Zinhle?
Mvelo: Mina bengithi asihambeni khona manje. Asingabe sisapholisa maseko.
Zinhle: Asambeni.