Lindiwe: (ngokucasuka) manje Uma uthi akakajwayeli ? Kusho ukuthi mina ngiyindawo yokufundela yena? Kahleni bo ukudlala ngami.
Zethu: ncese, inkinga ukuthi ubafo usaba amantombazane manje ukuthi bekafuna ukushela uyabona.
Lindiwe: manje nibona ukuthi afundele Kimi?
Zethu: kuxolisa mina ngoba yimina okubizile.
Lindiwe: kulungile sengiyozwa ke Uma kuphuma isikole ukuthi uyothini Kimi thixo (ahleke)
Zethu: ungabi sewuba nzima kakhulu kuyena ngoba sewazi iqiniso ke.
Lindiwe: ngizomfundisa nje ukuthi intombazane iphendula kanjani (aphele insini)
Zethu: ayi uyabheda nawe ake ngikushiye angaze abone ukuthi sengixoxile nawe (ahambe aye ku Mandla)
Zethu: Ola boy, kuhambe njani?
Mandla: ayi mfethu, ngiyishaya shayile lengane ngayibamba ngomqondo manje sengilinde ukuthi Uma kuphuma isikole iqome nje.
Zethu: usho nje ntwana? Kushuthi nje uvele wayishaya ngento ewa lana, yasibhaya iskelemu.
Mandla: Themba mina bafo izogxoba lengane ngiyakufakela.
Zethu: ayi ntwana yami ngiyakuzwa Uma usho kodwa ke mina ngifuna ukuthi ungitshele nje Uma seyiqomile.
Mandla: khululeka nja yami, lona uzoba ngowami nje mhlampe ntambama namuhla, yeyi nansi nalensimbi seyikhala manje asivaye boy.(bagijime beyongena eklasini bafike sekukhona u Jabulani no Sindi)
Jabulani: qagelani ubani engimbone namhlanje eme nentombazane? Yikho nje nelanga lishisa kangaka.
Sindi: aybo we baby, usho ukuthi bekashela nje noma bekabuza ngama homeworks?
Jabulani: nami ngibona ngathi bekabuza ngama homeworks nje ngoba ulwimi luqinile.
Mandla: yeyi nina anifusege ningixege, ngoba ukuthi ngenzani kuphi nobani akudokwe eligayelwe nina.
Sindi: Nkosi yami, Kanti siyakwazi ukukhuluma lesimumu?
Mandla: isimumu yilengqondo yakho ekwenza ungaphumeleli ezifundweni, ngoba ulokhu unakene nami.
Jabulani: sasho isiqenqe madoda.
Mandla: vele ke nje ngiyisiqenqe futhi uboke ukhuze lentonjana yakho ngoba seyinezimpawu zokungifensa ngoba nginesiqiniseko sokuthi noma ilele ebusuku iphupha ngami.
Zethu: (ahleke) Smindlosi ntwana yami asambe siyohlala phansi usuwakhulume wonke lamaqiniso wakho kulezi domu ezimbili.
Mandla: mfethu asivaye ngoba lezi yiziduphunga lezi ziyizimfene ezihlekana iziphongo (ahleke)
Jabulani: vele nina niyizinkonkoni hambani lana.
Mandla: angithi Wena esikhundleni sokuthi ufunde uphase ulokhu unakene nezindaba zami nalo domkop wakho nokudliwa u- cream ngaphambi kokuthi adliwe nguwena.(lihleke lonke ikilasi, bese kungena uthisha)