( UMandla ubuya esikoleni ilanga liyashisa ukhuluma yedwa)
Mandla: cha ngeke akusalungi ke manje kimi, izintanga zami ziqonyiwe kodwa Kimi dololo. Ayi sekumele ngiyeke ukusaba amantombazane manje.
(Ethi esahamba kuqhamuke u Jabulani no Sindi intombi yakhe)
Jabulani : Ola Smindlo, ukahle ntwana?
Mandla: ngimnandi mina nja yami, ngingezwa kuwe?
Jabulani: ngimjojo ntwana, manje yini wahamba wedwa nje?
Sindi: cha Mandla , mina angibingelelwa ngoba ngingabonakali yini?
Mandla: ncese Sindi, ngisuke ngakhuluma no Jabulani.
Jabulani: vele ubengeke akubingelele u Mandla phela vele uwasaba Kabi amantombazane yikho nje engumahamba yedwa .
Mandla: kodwa sekungukweyisa ke lokhu okushoyo Jabu.
Sindi: ayi baby yekela u Mandla aziphathe Kahle ukuze azokwenzelwa umemulo. (Bahleke)
Jabulani: (ngokuhleka) wayisho ngayibona lento yazi Wena baby. Ayi mfana athi ngikuyeke.
(Bahlukane ngezindlela)
Mandla: zaze zangeyisa izinja yezwa nx! Kodwa nami kumele ngiluthathele phezulu loludaba manje. Mhlampe amajita angangihlanganisa nje nomuntu engingazwana naye yazi.
( Kusegumbini lokudlela Kubo Mandla uhlezi nabazali bakhe)
Mkhize: Mandla ndodana, ukahle?
Mandla: Yebo baba ngingumqemane, kungaba ubaba ubuziswa yini?
Mkhize: ngibona ngathi namuhla kaweneme neze mfana.
Mandla: Kanti lutho ke Khabazela , ngizithulele nje.
Mkhize: ndodana Wena ngathi uyakhohlwa ukuthi mina kangizalwanga izolo.
Mandla: (ngokuhleka) ubaba ukushiso yini lokho ngoba kanginalutho mina π€£π€£
MaZuma: Kona uqinisile Khabazela akekho Lana nathi undodana, khuluma nathi mfana ka mama.
Mandla: akunalutho mama khululekani nino baba ngikahle mina.