Isesibhedlela.

Nurse Gumede: ukahle kodwa?

Nomasonto: Ngikahle mngani ukuthi ngikhathele nje.

Nurse Gumede:Kona uke wadla?

Nomasonto: Cha! Angilambile , ungazikhathazi ngami .

Nurse Gumede : Awusho usenzeni U Sfundo?

Nomasonto: Wazi kanjani ukuthi USfundo?

Nurse Gumede: Kungabuye kube ngubani omunye.

Nomasonto: Ungazikhathazi ngami ngizoba right into yesikhashana le.

Nurse Gumede : Uyazi akakufanele lomfana.

Nomasonto: Ungayisho kanjani leyonto?

Nurse Gumede: Iqiniso kodwa , seloke wahlangana naye usuhlale unje.

Nomasonto: Uyazama

Nurse Gumede: Ayikho into ayizamayo la . Asikhohlwe USfundo kunganjani namhlanje ulale kwami khona uzophumula istress laphaya emqashweni.

Nomasonto: Ngingakujabulela kakhulu lokho mngani , ngiyabonga.

Nurse Gumede: Ngiyafuna nami ukukubona ukhululekile futhi unokumamatheka.

Nomasonto: Ungumngani we qiniso.

Ucabangani ngalendaba?