Kusekhaya kubo kaThobile(UThobile uthatha uyabeka ebona sekudlule amahora amathathu ebuyile esikoleni kodwa uZinhle yena engaqhamuki. Kuthi esazulazula, egcwala indlu, kube kungena ubaba wakhe, uMnguni)

Mnguni: WeThobile!

Thobile: Yebo Baba?

Mnguni: Awungichazele ngempela. Kanti esikaZinhle sona isikole asiphumi yini kuze kube yilesi sikhathi?

Thobile: Ubebizwe uthisha, Baba. Mhlawumbe useyeza manje ngoba ubekade ethe bayodingida izifundo zakhe.

Mnguni: Izifundo zani, lana? Uma ebhekene nezifundo uthi kupheka bani la ekhaya? Yena uzodla izifundo zakhe lezo yini?

Thobile: Chabo, Baba, akunjalo futhi ngiyethemba usendleleni nje kuyimanje umzala.

Mnguni: Usendleleni yena uyizulu yini?

Thobile: Uxolo, Baba, ngisacela ukuqedela ukushanela.

Mnguni: Kulungile. Ungibize uma kufika uZinhle(UZinhle uyagijima, uphuthuma ekhaya. Uhamba ekhuluma yedwa)

Zinhle: Oh hhe! Kazi namuhla ngizoshaywa okungakanani ekhaya njengoba nesikhathi sesihambe kangaka njena ngoba kuyafana nomalume angeke afune ukungizwa ukuthi kungani ngibuye ngalesi sikhathi. Kodwa akusenani sekuyobonakala phambili. Awuthi ngicoshe itshe elincane ngilifake ngaphansi kolimi ngibone ukuthi ikhona ngempela yini lento yokuthi awushaywa uma ifake itshe ngaphansi kolimi.(UZinhle uhamba endleleni nje usezinhlungwini emuva kokudlwengulwa nguthisha wakhe, uMabizela. Ubona igazi lehla ngemilenze ngesikhathi ecosha itshe. Ukhumula ijezi lesikole alibhince ukuze afihle ukopha. Usula izinyembezi ngokushesha)

Zinhle: Nakhu sengivelela ngasekhaya. Engabe umalume unjani ukudinwa?(Ungena endlini afice uThobile ebeka amabhodwe)

Thobile: Hhayi bo! Mzala kade ukuphi sonke lesi sikhathi ngoba phela ubukade uthe uyangilandela? Kodwa ngize ngafika endlini ungabonwa.(Ziyehla izinyembezi kuZinhle)

Zinhle: Thobile, mzala wami, ngiyaxolisa ngalokho. Futhi uyabona okungehlekele namuhlanje ngiyokuxoxela amagwababa echobana dadewethu kababa.

Thobile: Kanti kwenzenjani, mzala? Khuluma nami kwenzakaleni kanti?

Zinhle: Ngifike ngaya kuthisha njengoba ubekade engibizile wa…

Thobile: Wakwenzani, mzala?

Zinhle: Ungibonise umqulu wezincwadi wangi…(Kuthi esathi uyachaza uZinhle okumenzakalele kuvele kungene umalume nomalumekazi wakhe)

MaZungu: Hhayi bo! Kwenzakalani ngomntaka skwiza bo? Zinhle elani leligazi elisesketini sesikole?

Mnguni: Hheyi! Uphumaphi Zinhle? Wena esakho isikole siphuma ntambama kanjena? Zonke izingane sezifikile emakubo ngaphandle kwakho! Awuthi ngilande imvubu yami ngikutalabhe!

Zinhle: Cha bo! Malume besengigoduka kodwa ngabizwa…

Mnguni: Demedi man! Uthule nje manje ngoba usacabanga amanga wena doti!

Thobile: Baba nawe mama ngicela nehliseni imimoya. UZinhle ungene eskhathini.

Mnguni: Noma kunjalo, man! Ulokhu ehleli esikoleni uthi kupheka bani la ekhaya? Ngizosuke ngimsakaze mina manje futhi!

MaZungu: Ayidle izishiyele, Yeyeye. Umntwana angeke akwazi ukuthinta amabhodwe ekulesi simo. Khumbula futhi baba ukuthi uwena owathi awufuni ukuphekelwa umuntu osesikhathini.

Mnguni: Khona kunjalo, nkosikazi. Phela mina ngiyindoda ewuMzulu ngempela, angifani nalezi ziyoyoyo ezidla ukudla ukuphekwe umuntu osesikhathini. Thobile, uwena ke ozobamba izimbiza namuhla!Thobile: Kulungile baba.

Zinhle: Ngicela uxolo kuwe malume nino malumekazi. Angeke ngiphinde ngibuye sekweqe isikhathi.

Mnguni: Akobe uqinisile, mshana, ngoba waphinda uzomthola uphiphinyemfu.

MaZungu: Akunankinga, Zinhle, hamba uyoshintsha izimpahla uziwashe bese thina noThobile sizoqhubeka nokupheka.Ekhishini(UMaZungu noThobile bayahleba)

MaZungu: Thobile kungabe uyambona njena uZinhle ukuthi akekho muhle emoyeni?

Thobile: Yebo kunjalo, Mama. Akamnandanga neze umzala. Kazi yini inkinga yakhe? Noma mhlawumbe wenziwa ukuba sesikhathini? Kodwa angimazi enjena mina uZinhle.

MaZungu: Uboke ukhulume naye phela, ndodakazi. Mhlawumbe wena angakuvulela isifuba ngoba ningontanga.(Zinhle ungena egumbini lakhe lokulala, ashintshe izingubo ebezingcoliswe yigazi bese ehlala phezu kombhede, akhulume yedwa).

Zinhle: Ihhe! Kazi lento eyenziwe nguthisha uMabizela ngizobazisa kanjani la ekhaya ngoba ngiyesaba. Ngiyazi nje ukuthi umalume angangishaya maqede angixoshe kwakhe uma ezwa ukuthi ngidlwenguliwe.(Kudlula ihora uZinhle elokhu ehleli yedwa. Kungena uThobile)

Thobile: Mzala woza siyodla, sekulungile ukudla.

Zinhle: Ngiyeza manje, mzala. Ngisaqoqa mbijana.

Thobile: Uqoqani, mzala, ngoba azikho izingubo eziphezu kombhede njena?

Zinhle: Yebo azikho mzala, kodwa hamba wena uyodla ngizokulandela.

Thobile: Ukahle nje emoyeni mzala?

Zinhle: Yebo ngikahle, mzala. Kungani ubuza?

Thobile: Ukuthi ubuso bakho abuvezi impilo ekahle. Kwenzakalani ngempela ngawe?

Zinhle: Hhayi akulutho, mzala. Asihambe siyodla.

Thobile: Usuwuqalile lomkhuba wakho wokuziba imimbuzo yami bese uyayibalekela futhi.

Zinhle: Mzala akunjalo. Asihambe siyodla mhlawumbe umalume nomalumekazi bame ngathi nje. Bazoze basithethise noma sishaywe. Uyazi ke nawe mzala ngiyazisabela induku mina.

Thobile: Kulungile mzala asihambe. Akusenani yize ungiziba.