Njengosana, wakhasa weza kimi

Wathola ukuthula enhliziyweni yami

Wenze ikhaya

Washintsha mizwa yami

Washintsha injabulo yami kwaba usizi nobuhlungu

Wadansa nayo njalo ebusuku

Wathatha imicabango yami wayenza injabulo yakho

Njengomngane, ungitshele ukuthi konke kuzolunga

Nokho ngikuthola ugone ekulimaleni kwami

Uyangiduduza ukuze uvithize inhliziyo yami

Nokugcwalisa ikhanda lami ngezinkumbulo engingakwazi ukuzibalekela

Wangitshela ukuthi awusoze wangihlupha mhla injabulo ingishada

Uqambe amanga,

UTHANDO!

Ungitshele ukuthi umsulwa

Ungitshele ukuthi ungamananela okuziqgenya nenjabulo

Ungitshele ukuthi uthembekile kulabo abakwangayo

Uthe awuwona umuzwa kodwa usihawu

Uqambe amanga,

Kwenzeka kanjani ukuthi ngicwiliswe yimizwa yobuhlungu

Ngokushesha ngemva kokukwamukela