Njengosana, wakhasa weza kimi
Wathola ukuthula enhliziyweni yami
Wenze ikhaya
Washintsha mizwa yami
Washintsha injabulo yami kwaba usizi nobuhlungu
Wadansa nayo njalo ebusuku
Wathatha imicabango yami wayenza injabulo yakho
Njengomngane, ungitshele ukuthi konke kuzolunga
Nokho ngikuthola ugone ekulimaleni kwami
Uyangiduduza ukuze uvithize inhliziyo yami
Nokugcwalisa ikhanda lami ngezinkumbulo engingakwazi ukuzibalekela
Wangitshela ukuthi awusoze wangihlupha mhla injabulo ingishada
Uqambe amanga,
UTHANDO!
Ungitshele ukuthi umsulwa
Ungitshele ukuthi ungamananela okuziqgenya nenjabulo
Ungitshele ukuthi uthembekile kulabo abakwangayo
Uthe awuwona umuzwa kodwa usihawu
Uqambe amanga,
Kwenzeka kanjani ukuthi ngicwiliswe yimizwa yobuhlungu
Ngokushesha ngemva kokukwamukela