Kunezinkinga ziningi emhlabeni kazuze zimbeswe ngameva. Kuyofika isikhathi la uyothola khona usuthanda ngokweqini ngayo yonke inhliziyo, kuba inkinga ke uma leyonhliziyo ibhekane nomuntu ongazi ukuthi inikwa kanjani injabulo. Ngisho ukuthi kubuhlungu ukuthanda umuntu mese kumele umfundise ukuthi yena akuthande kanjani,kubuhlungu ukuphindaphindana nento eyodwa ngoba lokho sekuyafana nokuthi uwena islima. Usuyokhala ke uzibone kuwena umuntu omubi, usuyomncenga ke ulokhu umchazela izinto ezisobala. Umuntu mayekuthanda angeke umfundise uzokuthanda kodwake wena uzobe usezicathuleni zami kungekudala, kungekudala uyohlulwa nawukulala ucabanga lamanga, uyofisa ukubuyela emumva, amehlo akho esevulekile sekucacile ukuthi uthando lweqiniso ulishiye emumva. Ngelinye ilanga uzongikhumbula sekungekho ukubuyela emumva ngoba ngaphandle bayahlukumezana, izinkinga abasazixazululi bayaphindiselana . Ngifisa engathi ungathola umuntu oyomthanda , umuntu mawumthanda ke uzowenza njengoba wenza kimi imizwa yakho uyoyihlaza.