Iningi labantu liyavama ukudideka uma bethola ithuba lokuba umholi, ngikhuluma ngalomuntu abanye abambiza ngomphathi.

Kuyavama ukubashintsha abantu abaningi ukuthola isikhundla. Aqale umuntu angangeneki, angaboniseki, angabahloniphi abanye abantu (angabina muntu omdala nomncane), abanye bagcina behamba nazo yonke indawo izikhundla zabo.

Izikhundla eziningi zokuhola zitholakala ngokuthi kubenomncintiswano/kube nokuqhudelana. Kwenyulwe amagama abantu abathathu noma ababili, bese kubuthelwa ndawonye abantu kuthiwe abakhethe oyedwa ozobahola.

Ngenhlanhla yakhe umuntu ehambisana nendlela yokuziphatha nokuxhumana okuhle nozakwaba, anqobe ngamalengiso. Mhlambe nje kokunye kade ephuma engena enxenxa abantu ukuthi bame naye emncintisanweni.

Asithole umuntu isikhundle, avedane asithwale ekhanda asisebenzise nalapho singadingeki khona. Bathale kanzima abantu ebamise ngomleze owodwa, afune kushintshwe nezinto ekade eyingxenye yazo engekasitholi isikhundla. Kube sobala nje ukuthi bakhetha umuntu ongafanele, kwakuyimpisi yembethe isikhumba semvu.

Luqale lunciphe uthando lomsebenzi kubantu, babikelwe mabesayongena emsebenzini. Bagcine sebekuphimisa abanye bathi kungcono kwase Gibhite kuna lana bekhona.

Muhle umphathi ozihluphayo ngesikhundla anikezwe sona njengoba zinamagamanje, afunde ngaso ukuthi yini elindelekile kuyena. Angashintshi kakhulu ekuhambeni kwakhe okwaholela ekutheni athole isikhundla. Aphatheke, inhlonipho ibuzwe kuye, alingane nabantu abaphethe kubelula nje ukuxhuma naye.

Abantu bawasaba kabi amabhubesi, bangamane bakhethe ingane encane engazilutho, bayicathulise kunebhubesi.

Umholi ohlala yedwa nongangeneki uqhuzulwa itshe ebelingeze limqhuzule uma ubesondelene nabantu. Ukusebenza ngama qoqo( group/team) kwavela ocwaningweni olenziwa ukuthola indlela ezilula zokwenza umsebenzi uhambe ngamandla, bese kugwemeka namaphutha angenasidingo.

Kuningibokutholakala emiqondweni eminingi kuno wodwa, ingakho izikhundla zibanabasekeli kusuke kwenzelwa khona ukuthi babonisane angathi isinqumo umuntu eyedwa. UMongameli wezwe unabasekeli kanye naba bonisi, iNgonyama no Ndabezitha banaba bonisi babo, abahlala nabo phansi kwenziwe inguyazana.

Umholi uyaholwa naye ukuze ahole kahle abangaphansi kwesandla sakhe.