Imizi eminingi ivaliwe ngenxa yengxabano ezadaleka phakathi kwezelamani, nokutshelekana impahla uma umganwa engenawo kahle amandla bese ehluleka ukuyikhokha.
Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa, konke kuvuka kubekusha njengesihlahla siniseliwe ogwadule.
Uma ungenalo ulwazi ungahamba usola abantu uthi bakuthakathile kanti lutho, kudingeka inhlambuluko. Uma seyenziwa akwembeswa lutho konke kuhlala obala okwezinqa zeselesele.
Owabulala ulikhipha linjengoba linjalo iqiniso okumuntu efa, kanti lutho kukhishwa iva eliqeda imindeni eminingi. Amahloni awadingeki okhalayo ukhala azithulise kuqhutshekwe ngoba ekugcineni kufanele kukhunyelwane umlotha.
Indaba yenhlambuluko ivame ukuvele kukhona ongasekho phakathi kwamenzi nomenziwa. Kuyenzeka ivele umuntu ethi uyobheka izinto zakhe kwabamanga bese eyathola ukuthi kukhona okhalayo ngokuhamba emhlabeni bekweletana noma babulalana, la ekhona kunendawo lapho engavumelekile ukungena kuyona ngoba bemsola ngokuthi washiya umndeni uxabene ungasangenelani.
Ngokuphambana kolimi kugcina sekungathi abaphilayo bangamahlongandlebe, bese abalele bevala impumelelo yabaphilayo. 
Kuyekubengcono ukulungisa udaba lwenhlambuluko uma umenzi nomenziwa besadla anhlavana ngoba luyalungiseka ngomlomo nje kuphela inqobo mabezokhuluma isiminya, kodwa uma engasekho oyedwa sekudingeka impahla.
Ngicela sizigweme izinto ezizodalela abeza ngemuva izundleko ezingenasidingo. Abaxabene ababuyisane kusenesikhathi, abakweletanayo bakhokhelane nabo; nabazalisile abahlawule nabo.