Ave kubuhlungu ukushela umuntu esawuyena, azitshele ngawe noma akuqome bese eyakushiya ebona abangcono kunawe,emva kwesikhathi umhlaba usumshayile,nangu useyazibuyisa.

Usumdabukelile emarivirivi enjalo, afike afune ukuzokuphatha, uyena lowaya esukushayela umthetho ufuna kukhishwe abaficile besendlini, kwayena usephethe isikhiye useyavala ukuthi kungabisangena muntu. Ungafunga ukuthi la aphuma khona uhambe esuse impi njengoba sefika engena nezicabha.

Nango eseqala enye inkinga usefuna ukuncengwa, inhlonipho ayisabonwa mhlobo.

Singamadoda silithwele idombolo ukuhlala nomuntu wazikahle kamhlophe ukuthi akakuthandi, asihlukile kumuntu ohleka nomuntu azikahle kamhlophe ukuthi ubulawa uyena.

Siyaphila nje kuba kuphilwa.