Uhambe Kahle ndodana uziphathe Kahle umalume wakho sekunesikhathi eside ngimucela ukuba akutholele itoho.ngikufisela okuhle kodwa mtanami.(emvalelisa unina).ungafike ugijimisane namantombaza igoli leliya lahlula uyihlo wabuya esegula wayengasazi nokuthi silala sidleni imnyaka eyishuminambili.”angifuni nawe”.”ngifane nobaba ilokho Ozama ukukusho ma?”cha mtanami.” ungangifanisi Mina nobaba”.(efulathela unina).”bengingaqondanga kanjalo ndodana”.” ewu nansi netekisi iza”.(emusondezela iskhwama sikakhonz’ekhaya).”ndlelanhle thobani”.(emanga)

Asale nomunywa unina ka thobani Phela uthobani uyena ngane yakhe yokuqala nokugcina.(avalelise ize To Iyoshona itekisi)

 

Kuvele kubengathi Kade wahamba uthobani indlela asevele emkhumbula ngayo Umana wakhe.”angikholwa ukuthi umina Lo engilibangise egoli bengihlezi kufunda ngayo lendawo eskoleni”.kuthiwa ikwa nyama yendoda ayipheli(azithuke esekhuluma yedwa uthobani usebona nabantu sebe njoo! Kuyena abanye bayafa insini bezwa leli lwakwanyama yendoda ayipheli).wavele wakhetha ukubheka ngasewindini azibukele izihlahla zihamba othela wayeka bemugwaqo.itekisi iwukhwele u N3.lapho uthobani useshaya obudala phela akudlali ukuhamba amahora adlule kwawayisikhombisa ngetekisi.