Ngithi angihlephule kulesiskhathi sam sokulala ngixoxe nawe njengomuntu owedlula kulesigaba obhekene naso. Kusiza ngani ukuzibulala uma ungaphasanga?

Ungazifakeli ingcindezi engenasidingo.Mina ngibona ku ubuwula nje lobo ukuthi umuntu athathe isinqumo sokuzibulala sengathi kuqala ngaye ukunga phasi.

Njengomuntu osethe ukudonsa empilweni ngizothi ukuku cathulisa kancane. Ungazibulali, ungasiyeki isikole ungenawo umatekuletsheni ngoba iwona okuvulela iminyango.

Izinto zishintshile manje akuselula ngisho ukuthola umsebenzi mawungenawo umatikuletsheni.Umuntu ongaphumelelanga umatikuletsheni unendlela eziningi angazithatha njengokuya kuma E.F.T/Tvet nokubuyela ebangeni elingemuva ayoqala phansi.

Kusengenzeka futhi umfice umdlule umuntu okade ephasile wena ungaphasanga, kungenzeka uyithole kuqala inhlolo khono ku naye, nomsebenzi ngokunjalo.

UNkulunkulu unendlela yakhe asebenza ngayo, mhlambe awuphumelelanga nje ingoba kunengozi UNkulunkulu aseyibonile ngaphambili. Ubuzofike uthathwe ubumnandi eskhungweni semfundo ephakeme ugcine ukhohlwa imuvalakho nokuyele eskoleni.

Abangaphasanga eqoqweni lethu balungisa bangifica bangishiya kodwa angiphelanga amandla, ngaphokophela phambili. Ngavala indlebe zam kwababengibuza ukuthi ngiqeda nini, ngaphokophela ngoba imina owayazi ukuthi ibhajwe kuphi inqola.

Namhlanje ngyazigqaja ngokubekezela kwam okwazala impumelelo, ngifisa nawe uzigqaje kusasa sewuphethe imiphumela yakho ngokuba umfundi wakuleli khasi.

Nginifisela impumelelo nenhliziyo yokungaqedwa amandla izinto ezincane.