Mama uphi ubaba?

Langaphandle kunemibuzo ethi ilula kodwa ibe inzima, okuthi noma uyiphendula ukhuluma iqiniso kufane noma uqamba amanga.

Kuqalwa ngaphi ukuchuza ngodaba lokubukana neqiwe yimizwa nigcine nembathile kuvele ungiyosho?

Indaba iqala kumgilwa ngenkathi iqewa zinyanga ezimbili ukuya kwezintathu engayi endaweni yakhe. Azibuze ukuthi uzoyiqala ngaphi ukuyizeka uma ebuzwa ngesisu, khona masitetiwe ingane uzothi ubani uyise wayo.

Inkinga yethu thina bantu iphutha liyiphutha uma liqondene naye umuntu kuphela. Uma kwehlele omunye ubizwa ngawo wonke amagama ongawacabanga.

Ngaphuzu kobunzima bokungalali uhlushwa yingane uyikhulisa wedwa uwubaba nomame kuyona, yaziwa uwena uma isuthi noma ilambile, igula noma iphilile.

Sebekubuzile baqeda emndenini, izihlobo, abangani nonompilo, ekugcineni isazokubuza nayo.

Imiphumela yokweqiwa imizwa uhlangane nomuntu ubusuku obubodwa noma usuku olulodwa, yenza umuntu ehlelwe ukuzigqaja ngenxa yokugxekwa akutholayo.

Ngifisa sizifake ezicathulweni zabo, sibeseke singafani nalaba ababatholisa ingane bajike bababalekele.