Angikhuluphali nje nami angizenzi

Ngenziwa ileli lizwi elikhuluma kuzwe minangedwa.

Kuhlula ngisho ngiseningini ngeneme

Liyafika likhulume ngibonakale sengiswacile.

Ngangithi angibonwanga muntu

Kanti ukhona owayehamba nami.

Ukungabatsheli kwam abantu akusizi

Ngoba bayangibona abangaziyo ngiphela emzimbeni.

Ukube ngangazile ngangiyozidla ngizibeke amathambo

Ngoba sengifundile akukho okufihliwe okungayikuvela.

Isimo sami singenza ngikusabe nokufa

Hleze umuntu afe imfakabili okomkhovu.

Umzwangedwa usungiphendule isigqila sawo

Nencebo yam sengiyidla ngijeqeza.

Isigqila somzwangedwa