Angikhuluphali nje nami angizenzi
Ngenziwa ileli lizwi elikhuluma kuzwe minangedwa.
Kuhlula ngisho ngiseningini ngeneme
Liyafika likhulume ngibonakale sengiswacile.
Ngangithi angibonwanga muntu
Kanti ukhona owayehamba nami.
Ukungabatsheli kwam abantu akusizi
Ngoba bayangibona abangaziyo ngiphela emzimbeni.
Ukube ngangazile ngangiyozidla ngizibeke amathambo
Ngoba sengifundile akukho okufihliwe okungayikuvela.
Isimo sami singenza ngikusabe nokufa
Hleze umuntu afe imfakabili okomkhovu.
Umzwangedwa usungiphendule isigqila sawo
Nencebo yam sengiyidla ngijeqeza.
Isigqila somzwangedwa