Uthando olugcwele amahlaya.

Kuphila kwami my 95% of HΒ²O

Ukuze amasotsha wami omzimba aphile ngidinga wena,ngiphuza wena ,ngipheka ngawe ,ngiwasha ngawe,ngi cleaner ngawe, ngigeza ngawe yingoba ukuba khona kwakho kunguwubunono nokungunakekela…kangiphathike wasuqhamuka emazululwini kuza imvula nesqhotho ngenkathi zantambama uyangilolozela.

Avuneskhwele kabi phela wena masekufike wena kuvalwa izincingo ,kuzothwe .Ebusuku izenzo zakho ziyangimbathisa zingifakele usinga olubandayo olungenza ngizamule kabili kathathu ngingene kobaba mkhulu ngiphuphe amaphupho amahle, ngoba ukuna kwakho kuyisimangaliso,ngisho nendiza kayifika lawufika khona kanjalo nabasemkhathini,ukuna kwakho kuyimfihlo kanti futhi nokufinyelela kuwe kunzima.

Yingakho umsulwa uyinkosazane yamanzi ephakela isizwe ukudla kokuphila ngoba ngawe syanisela sivuna izithelo ezinhle neziyimpilo.

Ukubane bengizazi ithakazelo zakho ngabe ngiyakuhasha,ngoba uyaguqelwa ngisho nesayoni meskhuphula amandla sikhuleka kuwe siphose imali ekhanyayo,nofuna ukuvula inhlanhla bacela kwizompophoma zakho ozigcwalisayo Uma inhliziyo yakho imnene ,ingoniwanga ngabantu ngezono zabo,kanjalo mesesone kakhulu kesikhulekele amanzi ngenxa yesomiso ngoba amanzi awukuphila okungunaphakade.

Ngisho neyingane mayizalwa ibhabhadiswa ngawo lamanzi ukuba ithole ibusiso.

Indalo yakho yinhle ngoba ukubane awuzange ubekhona ngabe ngabe konke kushile ,konke lapho wena ogeleza khona kusala kuba kuhlaza imifula igugule konke loku okungadingeki iyibeke osebeni lomfula umfula ucwebe kuthokoze ilwane zamanzi ,kanjalo nemfuyo yasekhaya ijabule idle isuthe ngeskhathi sehlobo zibusa .

Ubuhle bakho nokudalwa kwakho abudeleki kepha buyabongeka,Kwabasemkantshu bovu kwezamabhizinisi akoziqalalela ayanigcina bekhone ukuletha umnotho ngani ezweni ,kepha abagcini lapho bayaninakekela ukuze nihlale nihlanzekile niheha ngaso sonke iskhathi,ngendalo yakho imizi emningi ayikho exabanelwa amathumbu kepha nabo bayakhona ukudeka ukudla phekwetafula ngawe.

Khaxa!Khaxa! Izincingo zabantu nalowo nalowo ovakashile ezobona lobubuhle ngoba naye ufuna ukugcina inkumbulo ezinhle eziseke zamahlakalela ,kanjalo nababopha ifindo bathanda zona indawo ezikujubalalisayo ezifana naweπŸ₯€.

UBUHLE BAKHO🌹

By Mandisa M the poet