IMFIHLO

Ngikhumbula kahle ukuthi ngikhule ngiyintombazana nje ekhule ingenalo nhlobo ulwazi lwezinto eziningi njengoba ngikhule kuyimina sibabili kungumfana omdala alanywe imina.Sikhula nje akunamndeni esisondelene nawo lempilo yomzala nezihlobo ezivakashayo asiyazi nhlobo.Sifike ke isigaba sokuthi sekumele ngabe ngiyajola. Lapho sengizidlule zonke izigaba zobuntombazane.Babekhona ke ababezibika nani niyayazi impilo yokukhula.Kuze kube ukhona loGuy othatha inhliziyo yami.Wayengidlula ngeminyaka emihlanu ke yena kodwa inhliziyo imane ithi ifuna yena.Sijole Kube kuhle engihlonipha futhi uZipho ngizocela ukumbiza kanjalo.Kuze kufike isigaba sokuthi abuthathe ubuntombi bami.Walenza futhi iqiniso kubazali bami wakhokha wonke amacala.Siqhubeke sithandane noZipho kuze kube ugcina ethole umsebenzi buqamama nasendaweni ahambe ke ngimjabulele ngoba phela besingabantu abanamaphupho.Ngiphile impilo yokuvakasha ke kuze kube ngiyathola ukuthi ubradas useyangijolela khona emqashweni ngimane ngidinwe.Ngithathe isinqumo sokuphuma kuyena ngoba nganginovalo lokuthi mangibekezela ngize ngigcine ngimumithele lomuntu kuyomele ngihlale ngi-understander ukuthi usenomunye umuntu ngavele ngaphuma kuyena.Ngibone ukuthi ayikho indlela yokunqoba i-ex ngaphandle kokuzithuntutha.Ngazithuntutha ngempela nami ngabekisa amatoho kumzala wami esajwayelana naye sifunda nje cz yena wayeziphantela eThekwini.Nangempela angithathe umzala ayongifaka etohweni.Ibe mnandi impilo ngendlela yokuthi ngasheshe ngakhohlwa nawukuthi bekunoZipho.Impilo igcine iphoqa ukuthi kumele ngithathe amagazi.Ntingabi nankinga ke nami angithi vele phela ngisathandane ngomuntu oyedwa empilweni pho yini engingayisaba.Kanti angibuyanga elangeni yabuya imiphumela ithi Positive.