Lipholile umoya ushaya kamnandi umaDlamini uzihlalele ngaphansi kwesihlahla uyazi cabangela.Kuthe kusenjalo thushikiyane indoda igqoke isudu likanokusho iqhamuka nje umaDlamini usazicabangela akanake nakunaka ukuthi khona umuntu ozayo. Uthe esebuya ekucabangeni kwakhe uzwa ngendoda isimubingelela .Ithe ibingelela kusenjalo lendoda yabe isho ima iphethe isikhwamana asiqondakali kuthi Sinani. Isondele lendoda iphethe amapheshana ngakwenye ingalo , umaDlamini uyayibuka akazi ukuthi izokwenzani. Isho yondlekile futhi ishaya ngamadevu iyakhanya ngokwebala.
Isho iyasondela idonsa isigqiki iyahlala .Kusenjalo umaDlamini ayibuze “Ubekwa yini lapha wemfana?”. Ithi  ukuthula kancane ayazi ukuthi izoyiqala kanjani inkulumo.Iqale ikhulume ngezwi elinesgqi.
“Ehh ntombi endala ngihamba ngiyasebenza ngisiza abantu abafana nawe kulesisimo somnotho esibi kangaka”.
UmaDlamini uthule.
uyayibukisise lendoda Phela akayazi ukuthi iqhamuke kuphi ngoba ubesazi cabangela.UmaDlamini ngezwi eliphansi “Uzosiza abantu abanjengathi?” iphendule lendoda ngomoya wesihle.
“Yebo ntombi endala ngingakulandisa nje kafushane umsebenzi engiwenzayo ukuze nikwazi ukuqhubeka nempilo”.
umaDlamini aphendule ngokunganaki “Qhubeka wemfana ngilalele”.
Ithi ukuthula idonse iphimbo “Njengoba ubona nje ntombi endala kulo mhlaba esiphila kuwo izinto zihamba ziyashitsha,Ikakhulukazi ukudla sekuyabiza nakho eyintolo kunyuka yonke into manje namanje “.
Aphendule umaDlamini ngokushesha “Yebo khona uqinisile wemfana awuhlale odabeni ukuthi yini ekubeka lapha kulendawo eceze kangaka nawe yayibona nje”.
Ihleke kancane lindoda “Hhe  yebo khona uqinisile angiqale ngizichaze ,Lo ophambu kwakho mfana wakwa Miya igama nginguSakhumzi ngihlubuka kwelikude eThekwini ngizosebenzela ngapha EShowe ngizosiza ntombi endala”.
Aphendule umaDlamini ngomoya owehlile “Ayi sengiyakuzwa ke manje”.
Asukume umaDlamini nesihlalo sakhe nomfana wakwaMiya Asukume ashiye isigqiki sakhe khona lapho balubangise edlini enkulu kwaDlamini.
Esho ngesihle umaDlamini “Hlala lapha phansi ngizwe kahle indaba yakho ngisaya ngapha ngasekhishini ngiyokufunela okuya ethujini nali nelanga namhlanje likhipha umkhovu etsheni “.
Esho ebekhomba lapho kumele ahlale khona.
Ngokumamatheka kuMiya “Yebo ntombi endala akunankinga nami ngizobe ngilungisa amapheshana engihamba nawo okuyiwo azokhuchazela kagcono”.
Esukuma ehamba “Kulungile-ke  angiphuthume” kuphendula umaDlamini.
Usethule uMiya uqalaza umuzi wakwaDlamini onobucwebe phela le ntokazi engu maDlamini yayisezintweni eyazi into ewuhlobo oluphambili, waye hlobisile indlu yakhe iyinhle uncoma ungaqedi.Wabe eseqhamuka umaDlamini uphethe ithileyi ulibeka eduze kukaMiya .Akacithanga skhathi wabe ethatha isipuni eshona evumbuka ,kwakungukudla kwakumnadi impela . Phela Kade kusile ehla enyuka ehamba ibanga elide nelanga limushisile nendlala nayo yabe ikhona .Lapho umaDlamini usezihlalele phansi ulindile ukuthi uMiya aqede ukudla baqhubeke bekhulume .Uthe engaqeda uMiya wabe ehlisa ngesiphuzo usho ube uyakhuluma.
“Ngiyabonga ntombi endala bekumnandi ukudla kwakho”. Esho ebe ehlisa igilazi eyibeka phansi umfoka Miya nokudla webe esekuqede kudala.
Ngokumamatheka kumaDlamini “Ayi khululeka mfana akunalutho izinto zethu imbondwe”.
Aqoqe masinyane ayobeka izitsha ekhishini abuye ahlale phansi phela ujahe lento ezobenza isimo somnotho sindlondlobale.”Sesingaqhubeka ke ntombi endala”.Esho ebekhipha amaphepha.Njengoba bese ngishilo nje ngihamba ngifuna abantu abanezingadi ,Izinkomo Kanye nezimbuzi “.Kuchaza uMiya .
“Yebo  ngilalele “.Kuphendula umaDlamini ngokukhulu ukugxila kulenkulumo.
Ngokuthokoza kuMiya”Kuhle uma ungizwa ntombi endala “kusho uMiya.
“Ehh  mina ngibe sengisiza kanjena-ke konke lokho ngiyakuthatha ngiyokudayisa emadolombeni amakhulu ngibuye sengibuya nesaka lemali ongakaze ulibone nangamehlo ikakhulukazi lapha nihlala nakhokonke lokhu kuphele izinyanga kungakaze kuthenge muntu” kuchaza uMiya.
Edonsa umoya”Yebo khona uqinisile ndodana” kuphendula umaDlamini.
Aqubeke uMiya nenkulumo ube uvula amaphepha abuye ewavale “Ngakho mina ngidinga iqoqo lomama esizosebenzisana nabo balapha endaweni abanezimfuyo nje ngawe kodwa ke angisebenzisani noBaba ngidinga Nina omama sebebadala ukuze sisebenze ngokuthula”
Angayinaki umaDlamini inkulumo Phela usezwe elemali .
amoyizele kancane maDlamini “Engathi ukhuluma kahle-ke wena mfana ngikulethelwe inkosi Phela wena ,uyazi ngihleli nje kanje sengafelwa ubaba Dlamini yimina nje qhwaba ezinye izihlobo zikude le”.
Ahleke kancane uMiya.”Ayi  kulungile ke ntombi endala mawusho kanjalo ngizohamba ngibuye kusasa ngoba angisizi nina nodwa bakhona abanye omama engibasizayo ,ngizobuya kusasa sengizobona ukuthi uthole abantu abangakanani” .
UmaDlamini ekhombisa injabulo “Khululeka wena mfana wami ngizobahlanganisa lizothi Lishona nje kuzobe sekuqodile bakhona baningi nasesontweni ngizo bathifahla kancane.
Ejabula ngaphakathi umfana wakwaMiya “Kulungile ntombi endala engathi sizosebenzisana kahle ke mina nani kusasa ntombi endala”.
ngomoya ophansi”kulungile mfana wami kubonga mina kakhulu “.
wasithela umfana umaDlamini wathatha izibuko zamehlo endlini yakhe yokuphumula wadonsa ucingo walihlaba walibhekisa kumaSthole akuthathanga skhathi umaSthole waluphendula Phela naye ogomunye wabafelokazi abashiwa nebhizinisi.
Alubabhe umaSthole ucingo”Yebo sawubona shlobo “.
Ephendula ngokuphuthuma umaDlamini”uyaphila kodwa sisi “.
emamatheka” Yebo kuyaphileka ntombi akufani ngafonelwa nguwe kazi kwenze njani “. Esho encokola.
Akapholisanga maseko umaDlamini wabe esihlala phezu kodaba nedlela entsha abazokwenza ngayo imali.
“Ngithi angikwazise shlobo kufike umfana lapha ngisazi thamelele ilanga , ukhulume ngokuthi uzosiza ngokuthi siqhube ibhizinisi lethu lokudayisa ngemfuyo wabe esethi angitshele nabanye abanesifiso Soku ngena kulona lelibhizinisi “.
Aphefumulele phezulu “Ingabe ibhizinisi eliyilo nje kodwa ,uyamthemba yini wena lo mfana bhubhulu”.
“Yebo shlobo ngiyamethemba ubukeka elungile impela futhi uyathembisa”. kuphendula umaDlamini.
Ngomoya onesihle “Yicebo elihle lelo maDlamini kodwa asibo ngawula zibheke ziningi izingebengu lapha ngaphandle”. kuphendula umaSthole.