Uxolo Nkosazan’ enhle njengezihlabathi zolwandle. Uxolo Ndoni yamanzi, uxolo sibqazu sentokazi, phuma Langa sikothe. Angizanga ngokuzomosh’ isikhathi sakho kepha ngileth’ Sipho esihl’ esiyoba isiban’ esihle kimi nakuwe.
Ntokazi lapha kimi kunalomuzw’ olokhu ugidagida kweyam’ inhliziyo. Ntombi yazi ngith’ uma ngikubona ngabon’ ikusasa lomuzi kabab’ uma phezu kwesisekelo. Uma ngibona wena ngivele ngabon’ isibonelo sikamam’ oqotho. Yaz’ kuthi noma ngidlula ngakini ngibon’ ingcanga yakini ngithuka sengithi kuyo “uz’ ungikhonzele ku-Asiphe ithemba lami”, ngiyasola kini ningibiz’ odengezeni lwenhliziyo yakho.
Nkosazane ngicel’ usale usuvuma ngikususe laph’ kwelamampondo ngijubalale nawe ngikuse len’ eMtubatuba eNsolweni isigodi. Sengingamane ngilandelw’ amabutho akini nawo ndiyowaxelel’ uba ndiyazifela ngawe. Phela wen’ uyithathile inhliziyo yami. Sengish’ amashushu ngawe ngishoda ngaz’ izicishamlilo zona eziyocim’ umlilo ngamakh’ othamdo.
Ntombi ngicel’ unginabise ngobhesen’ odlela umukhwe Wami, ngob’ okababezala wakh’ awumngakanani kepha wenelisa wonk’ umuntu. Ngicel’ ungikhonzele kumama wakh’ uthi ngithe “Hi Mkhwekazi Wami”. Uz’ ubatshele nabalamu bam’ ukuthi iNsizwa yoMzul’ isiyethumbil’ inhliziyo yakho, sengiyoyikhulula ngamabheka.
Ntombi yaz’ ukuthi anginalutho kepha nginothando nephupho ngawe. Nginekusasa lethu sobabili, laph’ engilibona sesisemzini wethu. Nginezifis’ eznhle zodwa ngawe Nkosazane. Ngicel’ usale usungiph’ ucu lwesivumelwano noma ngabe ngisuka kude ngizolugqoka.