Isizungu akasasazi uNontobeko. Isikhathi esiningi usichitha noSboniso. Bahlezi bezixoxela izindaba ezingatheni. Ubona ngoSboniso emnyango esemlethele ukudla.
“Nontobeko, sengihlale nawe isikhathi eside futhi ngiyabona ukuthi ungumuntu onomoya omuhle. Awufani nhlobo nabantu besifazane engike ngahlangana nabo. Sengicela phela ntokazi ukuthi ube ngowami,” kusho uSboniso ngenkathi behlezi etafuleni bedla.
“Sboniso umncane kabi kunami. Ngikudlula ngeminyaka eminingi. Ungibona nje ngizohlanganisa amashumi amane ngazalwa,” kusho uNontobeko elwa nemizwa yakhe.
“Iminyaka ayisho lutho Nontobeko. Uma thina sithandana singenza noma yini esifuna ukuyenza ngezimpilo zethu,” kuncenga uSboniso.
“Kungani ungasheli ontanga bakho? Amantombazane amahle amancane njengawe achithiwe lapha ngaphandle. Mina ngingumfelokazi onezingane ezimbili ezicishe zilingane nawe.”
“Ngiyakwazi lokho kepha wena uhlukile eningini inhliziyo yakho yinhle. Ngiyacela ntokazi uvume ube ngowami. Ngiyathembisa ngizokuphatha kahle ngiphinde ngikunakekele.”
“Kuzothiwani kini usuthandaba nomuntu omdala kangaka? Zona izingane zami zizothini?”
“Lapho kukhona uthando kukhona indlela. Uthando lwethu luzosilwela. Ngiyazi ukuthi nawe unayo lemizwa enginayo,” kusho uSboniso emthinta isandla esiphulula.
“Kodwa Sboniso…”
“Nontobeko…” kusho uSboniso esondela emqabula.
Imhlule imizwa uNontobeko. Azibone eselele ja ekuseni eduze kukaSboniso. Uzwa ukufudumala akade akugcina.
USboniso akaphelanga amandla ekuzameni ukuthi uthando lwabo noNontobeko luphumelele. Wancenga waze wavuma uNontobeko ukumnika ithuba. Kepha wabeka umthetho wokuthi lendaba mayigcine phakathi kwabo ngoba akafuni ukuhlazeka emphakathini kuthiwe ujola nomfana omncane.
***
“Sekuphele unyaka sithandana kodwa akukho noyedwa umuntu owaziyo. Uthando lwethu luzoba imfihlo kuyoze kube nini?” kusho uSboniso esukuma embhedeni eyoma ngasewindini. Ubuka izimoto ezidlulayo nezingane ezidlala emgwaqeni.
“Bengivikela wena ukuthi ungathukwa abantu kuthiwe ujola nomfelokazi,” kuphendula uNontobeko esondela ezoma emuva kwakhe bese emqabula emhlane.
“Angidingi ukuthi ungivikele imina indoda kufanele engabe ngivikela wena.”
“Kulungile yini ofuna yenzeke?”
“Ngifuna ekhaya bakwazi nezingane zakho zingazi,” kusho uSboniso ephenduka emqabula esiphondweni.
“Kulungile uma bevala enyuvesi bazobuya sizobe sesibatshela.”
“Ngicela uhambe nami siye ekhaya kulempelasonto.”
“Unesiqiniseko salokho?”
“Yebo ngiyayazi into engiyifunayo. Ngifuna wena ukuthi ube yiphakade lami.”
Ayishaye ishushuluze imoto uSboniso ibheke kubo oLundi. UNontobeko useze walala ngenxa yobude bendlela. Okunye okungamphethe kahle ngukuthi umndeni kaSboniso uzomamukela yini. Ujabulile uma ezwa ukuthi abawona umdeni omkhulu ngakho mancane amehlo azobe emgqolozele. Nebala bafika sekumnyama. UNontobeko abone ngodadewabo baSboniso behleba ngaye ngamehlo ngenkathi efika.
“Mfana kamama kungani ufika sekuhliwe kodwa?” kubuza unina kaSboniso uMaGcaba.
“Sisuke saphuza ukusuka, Mama,” kusho uSboniso engenisa izimpahla.
“Isisebenzi sakwakho yini lesi?” kubuza uZizi, udadewabo kaSboniso omncane.
“Inhlonipho seyashonaphi kuwe? Mama awuyishayi lengane yakho ingakho idelela kanjena,” kusho uSboniso ngokucasuka.
Abheke phansi uNontobeko. Uyasho ngenhliziyo ukuthi namuhla uhlangene nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili.
“Nawe wasifikela nezivakashi ungasitshelanga. Ubani lona ohamba naye?” kubuza unina.
“Lona isithandwa sami, uNontobeko. Ngize naye ngoba ngifuna ukuthi nimbone layikhaya nimazi,” esho ephulula isandla sikaNontobeko.
“Imihlola yami! Logogo ogugile njengami wena uthandana naye?” kusho unina ehlahle amehlo.
“Ma! Musa ukukhuluma kanjena. Ngiyamthanda naye uyangithanda ngicela ukwamukele lokho.”
“Sboniso uyazenzela ngoba uyihlo engasekho emhlabeni. Mina ngifuna umokoti ozongiphekela hayi umuntu ozokhala ngamadolo njengami,” kusho uMaGcaba enximfa.
Sitshele umbono wakho: UNontobeko ubeqinisile ngokungabaza ukuthi umndeni kaSboniso uzomthanda. Ngabe lokhu kuzoba nomthelela onjani othandweni lwabo?