Ngosuku olulandelayo uNandi wadilika etekisini futhi wayengakwazi ukuhamba kahle. Wayeshiye uBeauty elele, futhi etshele umamkhulu wakhe ukuthi ngathi uBeauty uphethwe umkhuhlane. uBeauty wayezoba ngcono ezinsukwini ezimbalwa.

uNandi wazibuka emafasiteleni esikole. Wamoyizela. Namhlanje wayazi ukuthi ngubani lo ayemubona kwingilasi. Wazizwa eziqhenya.

uNandi walinda ngesineke ukuba ikilasi Lomdlalo Wamadlingozi liqale. Namhlanje wazizwa engenayo inkinga ngemiphumela yokhetho lomdlali. Ngandlela thize kwakungasabalulekile lokho kuye.

Lapho uthisha Womdlalo Wamadlingozi ebiza amagama abantu abathole izindima eziholayo igama lakhe labizwa nalo.

uNandi njengoJuliet. uLuyanda njengoRomeo.

Ikilasi labashayela izandla njengoba besukuma, bemoyizela. uZinzi naye washaya izandla, uNandi wakuqaphela lokho. uZinzi wayesazokuba emdlalweni, kodwa wayezokuba kwindima yokusekela.

Ukuphrakthiza kwaqala ngentshiseko. Sonke isikhathi sikaNandi sokuphumula sadliwa ukuphrakthiza indima yakhe nsuku zonke.

uBeauty waqala ukubonisa isithakazelo esijulile ngalokho okwakenziwa uNandi futhi, ngezinye izikhathi, wayecela ukuba afundela uNandi ingxenye kaRomeo, ukuze uNandi akwazi ukuphrakthiza lokho okumele akusho. uNandi yena bese elalela yonke imigosi yakamuva yomakhelwane kanye nesonto, kodwa manje wayengesanandaba kangako.

Uthisha womdlalo wamadlingozi wabizela eceleni uNandi ngosuku olulandelayo emva kokuba ememezele ukuthi obani abathole izindima emdlalweni. Watshela uNandi ukuthi ukuziphatha kwakhe okuhle kanye nokwethembeka kwakhe kuye kwavela, yingakho ke emunikeze indima.

uJuliet naye wayeyintombazane eziphethe kahle.

uNandi wakhumbula izindebe zikaFernando zinyakaza njengoba ayebambe uBeauty ngehembe lakhe, elidabula, futhi emuthethisa ebusweni bakhe. Namanje amathumbu kaNandi asaphenduka uma ekhumbula lokho. uNandi akazange nakancane acabange ngalokho okwacishe kwenzeka ngaleloSonto ntambama.

Ngosuku lomdlalo uNandi wagibela inkundla ngaphansi kokukhanya okubanikayo futhi akazange akhohlwe negama elilodwa. Amaviki okuphrakthiza avumela uNandi ukuba azi uLuyanda nakangcono. Wamuthanda nakakhulu.

Njengoba kuvalwa amakhethini kwisiqephu sokugcina, uLuyanda wayeseceleni kukaNandi,. Ebumnyameni, ngaphambi kokuba kukhanye futhi, wamuqabula.

Ngaphambi kokuba uNandi athathe isinyathelo kwakumele bame ndawonye ukuze bavalelise. Njengoba abathameli beshaya izandla, uLuyanda wathatha isandla sikaNandi wabe esephuma naye esiteji.

uLuyanda wabe esema futhi, wabuka uNandi emehlweni, wamutshela indlela amuthanda ngayo kusuka ekujuleni kwenhliziyo yakhe.

uNandi waba yisimungulu.

uLuyanda wamutshela indlela ayengumdlalikazi onekhono ngayo.Wamutshela nendlela ayemuhle ngayo. Wamutshela indlela okwakuyilungelo ngaye ukuba abe yingxenye yalo mdlalo kanye naye.

uNandi akakwazanga ukuzibamba waqala ukukhala kancane. uLuyanda wamanga, ngobumnene kodwa futhi ngokuqinile.

Izithameli zazisashaya izandla namanje.

uLuyanda noNandi kwadingeka ukuba bagibele isiteji futhi ukuze bavalelise futhi.

Phakathi kwalokho kukhanya kwamalambu uNandi wambona uBeauty esixukwini. Wayemoyizela futhi ephakamisa isandla.

Lapho amakhethini evaleka okokugcina uLuyanda wagaxa uNandi.

“Bengifuna ukukucela,” kusho uLuyanda. Amaphaphu kaNandi ayebheke phezulu. “Bengifuna ukukucela ukuthi ngeke yini uthande ukuba umlingane wami Kumcimbi Womatikuletsheni?”

***

Sicela umbono wakho: Ingabe uyijabulele le ndaba? Ujabulile ngesiphetho sayo?