Kwakunzima ngoNandi ukugxlisa ingqondo yakhe kunoma yini. Wayelokhu ecabanga ngokhetho lomdlali olwaluzoba khona ngalolo suku.

uNandi wachitha isikhathi sakhe sekhefu eyedwa ngasonqenqemeni lwenkundla yokudlala, ephindaphinda lokho ayezokusho. uNandi wadlula uZinzi, kanye neqembu labangane bakhe, bethamele ilanga otshanini. Bonke babexoxa ngenjabulo ngoMcimbi Womatukuletsheni, kanye nezingubo zabo abazifisayo, izimoto ezinkulu kanye nokokuhloba kwedayimane. uZinzi wamuziba njengoba edlula, kodwa uNandi wayezwa ukuthi umubhekile, ngaphansi kwezinkophe zakhe ezinde, zokufakelwa.

uLuyanda wayegijima kwinkundla nabanye abafana, bekhahlela ibhola lezinyawo eligugile. Umsila wehembe lakhe waphephukela emoyeni. uNandi wama ukuze amubuke futhi uLuyanda wabe esemoyizela naye ngamazinyo akhe amhlophe. uNandi wezwa inhliziyo yakhe ishaya kakhulu. Izinkinobho ezimbili zikaLuyanda zasekugcineni kwehembe lakhe zase ziqaqekile futhi uNandi wayekwazi ukubona imisipha eqinile yesisu sakhe, njengoba ihembe likaLuyanda laliphakama lapho ekhahlela. uNandi wadonsa umoya, wabe eseqhubeka nokuhamba.

Ngokuhamba kwesikhathi, kukhetho lomdlali, uLuyanda waya kuye wabe esethi Sawubona. uNandi wazizwa esinekela uLuyanda. uLuyanda wenza ikhanda lakhe laduma.

Ukhetho lomdlali lwabe seluqala.

Lapho uNandi ebizwa, uLuyanda naye wabizwa ukuze adlale eceleni kwakhe. uNandi wezwa amadolo akhe eqhaqhazela njengoba ayegibela izitezi eya esiteji. Wayesefikile kakade lapho uLuyanda, emulindile, emoyizela. uLuyanda wamubamba isandla, futhi uNandi wayengakwazi ukusibamba ukuba singaqhaqhazeli.

uLuyanda wabe esemuhlebela ethi, “Ungethuki, uzokwenza kahle.”

Wabe esesholo phezulu amagama akhe futhi ngendlela ezwakalayo uNandi. Wayelokhu ecabanga ngendlela uLuyanda anuka kamnandi ngayo. Wayenuka okwezinongo, ezifana nezihlahla ezithize ezitholakala endleleni yasentabeni, lapho uNandi ayehamba khona ngezinye izikhathi.

Kwase kulandela ithuba likaZinzi. Naye ngokufanayo kwakumele adlale eceleni kukaLuyanda. uNandi wababuka okwesikhashana, njengoba bemi lapho, begqolozelene emehlweni.

Yebo, ngempela uBeauty wayekhuluma iqiniso, kuphetha uNandi. Kwakukhona ukuxhumana okuthize okukhethekile phakathi kwabo. Bobabili bazidlala kahle izindima zabo. uZinzi wayengcono kakhulu kunaye, uNandi wayeqiniseka ngalokho.

uNandi washaya isishwapha sakhe waphuma ebhilidini.

Wakhala etekisini esendleleni eya ekhaya uNandi. Wakhalela phansi uNandi, izinyembezi zakhe zishununuzela ezidlathini zakhe ezibushelelezi, ngaphambi kokuba azisule ngemuva lesandla sakhe. uZinzi kanye noLuyanda bayafanelana, kucabanga uNandi. uLuyanda wayengasoze abuke intombazane evamile nje efana naye noma kwakuthiwani.

“Akekho umuntu oyoke angithande,” kucabanga uNandi.

uBeauty wayeqhuma injabulo lapho uNandi engena emnyango wangaphambili. uBeauty akazange abubone ubuso bukaNandi obudangele. uBeauty walandela uNandi ukuya ekamelweni wabe esevala umnyango.

“Mzala, Nginokuthize engifuna ukukutshela khona,” kuhleba uBeauty, ngaphambi kokuba ashintshe isimo ekamelweni bese egxumela embhedeni. “Ngizoba umuntu odumile!”

***

Sicela umbono wakho: Ubani ozothola indima eholayo? Yini uBeauty akade ephezu kwayo?