U-Siphelo
Ngihlezi esitimeleni esisuka eKapa siya e-Fish Hoek. Ngiyaqhuma injabulo ngoba ngithole ubhokhathi wami we-Levi − usendalini. Amadoda amabili ahlezi ekhoneni aphuza ibhodlela lotshwala eligoqwe ngephephandaba. Ngale kwawo kuhlezi owesifazane olale umculo ngezifakelwandlebe zakhe.
Ugogo nekhehla abahlezi eceleni kwami batshelana izindaba zabo. Ikhehla limtshela indaba, ugogo ulitshela emehlweni ukuthi liyabheda nokuthi kungcono livese livale umlomo. Kume amantombazane esikole azixoxelayo. Balokhu beqhuma ukuhleka. Omunye uthi komunye, “Mngani wami, ungakhohlwa ukuphatha amathishu amaningi kusasa. Sizokhala kabuhlungu kabi phela. U-Lonwaba ushonile.” Ngizama ukulalelisisa lapho ngithola ukuthi lo Lonwabo umfana ongumdlali kumbukiso othize abawuthandayo. Ce ce, itakalne. Amantombazanyana!
Ngazumeka ke, kodwa ngilokhu ngiphaphama kancane. Ifoni yami ilokhu ikhala ngenxa yemilayezo ye-BBM ephuma ku-Yonela.
Esiteshini sase-Claremont, kudilika isimomondiya esimnyama ebusweni. Sikhuluma nefoni yaso.
“Yebo, ukhuluma no-Nqabisa. Anginaso isithakazelo kumshwalense, ngiyabonga,” esho ocingweni. Uphethe isikhwama esikhulu sokuthenga. Indlela ehamba ngayo ngake ngayibona kwizinhlelo zonobuhle kuphela. Hhayi lezo zamantombazane azacile. Lezo ezibonisa amantombazane apakile. Ngiyawathanda lawo.
Kodwa bantu, yazi amantombazane agqoka iyunifomu ayangikhanga: amaphoyisa abesifazane, abahlengikazi, abesifazane bezempi, bonke nje. Ngithanda indlela abampintshwa ngayo iyunifomu yabo. Umngani wami, u-Bulela, uhlale engitshela ukuthi kusho ukuthi banemali.
Thambo lami lekhentakhi, kumele ngihambe
Ibhetri yami iyaphela
Ngifushanisa ingxoxo yami ye-BBM no-Yonela. Le ntombazane okuthiwa u-Nqabisa ephambi kwami iyisimomondiya ngempela. Kuhle ngoba angigqokanga iyunifomu yami yesikole. Ngoba kade izocabanga ukuthi ngiyingane. Nakuba nayo, ibukeka incane, isanda kuphuma esikoleni manje isisebenza kwimikhumbi yezempi. Kodwa angikho mncane kakhulu ukuthi ngeke ngikwazi ukuba u-Ben Ten wayo.
Amehlo ethu ayahlangana. Ngiyamomotheka. Nayo iyamomotheka bese ibheka eceleni.
***
U-Nqabisa
Kungenzeka ukuthi amehlo wethu asehlangene izikhathi ezinhlanu manje. Kodwa manje nguye omomothekayo. Ngithanda indlela agqoke ngayo. Ubukeka sengathi iskhothane.
Ngizizwa sengathi ngiyamazi. Cha Nqabisa, uyagula manje, usanda kumbona nje, ngisho ngizexwayisa. Yho, kodwa uyakhanga bantu! Kukhona okuthize ngaye. Angikwazi ukukuchaza. Indlela amomotheka ngayo … nendlela angibuka ngayo.
Ngicabanga ngesoka lami u-Bandile, wase-PE. Empeleni, kumele ngithi okwakuyisoka lami. Yisilima nje leso. Babeyazi! Ngangingazimisele ukungethembeki kuye. Kodwa, ngoba akazange angithole usuku lonke wavese wakhetha ukwehlukana nami. Angisikholwa leso silima. Uzwakale engadlali namanje ekuseni ngenkathi ngimshayela ucingo ngisebenzisa ucingo lwasendlini. Uthe kimi ukhathele yena yilokhu kuthandana kwethu kwebanga elide. Ngathi kuye mina ngicabanga ukuthi kudala wakuqeda. Wathi, yebo kunjalo ungishayela ucingo ukuze angitshele ukuthingempela kumele kuphele. Hhayi ke, ukulahlekelwa kwakhe lokho, isidenge.
Kodwa bantu kungani sengicabanga ngaye manje? Kungenzeka ngimkhunjuzwa indlela lona agqoke ngayo. Isoka lami − empeleni, engangithandana nalo − uyazifela ngezingubo zezinhlobo ezithize. Ugqoka kahle. Ngempela ungikhumbuza yena.
Hayi lona, bantu. Lo mfana ulokhu engigqolozele.
***
U-Siphelo
Kumele ngikhulume naye.
“Sawubona, yazi kunini ngifuna ukungena kwimikhumbi yempi. Kungeneka kanjani vele?” Ngisho ngimbheke ngiqinisile. Kungaba inhlanhla yami lena. Isitimela siyaklikliza njengoba sima esiteshini sase-Retreat.
“Ngicabanga ukuthi ukhuluma nami akunjalo? Ngoba yimi ngedwa phela ogqoke iyunifomu yemikhumbi yempi yaseNingizimu Afrika.” Esho emomotheka futhi. Yebo! Ngizoba nenhlanhla, ngisho ngicabanga njengoba ngisukuma ngiyohlala eduze kwakhe.
“Sawubona, ngingu-Siphelo.”
“Nqabisa.”
“Ngijabulela ukukwazi,” ngimtsehla ngimomotheka. “Ngitshele, ingabe kudala uhlala eKapa?”
“Cha, unyaka wami wokuqala eKapa. Ngisuka e-PE.”
Njengoba u-Nqabisa ekhuluma ngilokhu ngibheke izifaca ebusweni bakhe. Kumele ngisheshise − sesizofika esiteshini sase-Fish Hoek lapho okumele ngidilike khona. Kumele ngithole izinombolo zakhe.
“Yazi, Nqabi, ngingathanda ukukubona futhi.”
Wavese wamomotheka.
“Ithi ngikushayele ucingo. Zithini izinombolo zakho zocingo?”
“Uma sasidalelwe, nginethemba lokuthi sizophinde sihlangane futhi. Asikho isidingo sokuthi uthathe izinombolo zami.”
Indaba ezibuhlungu ke lezi. Ngithemba ukuthi uyadlala. Ngizokwazelaphi ukuthi uzosigibela nini futhi isitimela esiphuma edolobheni?
Njengoba isitimela siklikliezela ukuma esiteshini sase-Fish Hoek ngimncenga ukuthi angiphe izinombolo zakhe.
Ukhipha ifoni yakhe, ucindezela izinkinobho ezimbalwa, bese enginikeza yona izinombolo zakhe ziboniswe kusikrini.
“Ifoni entsha lena. Angikakazazi kahle izinombolo zami,” engitshela.
Njengoba ngihamba emgaqweni ngishaya umoya ngenxa yenjabulo yokwenqoba. Kumele ngitshele u-Bulela.
U-Nqabisa usebenza kahle futhi. Ibhansela yonke leyo. Angase anginakekele. Uyazi… lapha nalaphaya.
***
Sicela umbono wakho: Ucabanga ukuthi u-Siphelo uzombona futhi u-Nqabi? Kuzokwenzakalani uma embona?