Namhlanje ubusuku bami bokuqala ngqa ukuba ngiphume kuleli jele. Ngivule ifasitela lasendleni yangasese ngabe sengigxumela ngaphandle. Ngangingazi nokuthi ngiyaphi, kodwa ngangiqiniseka ukuthi amaphoyisa azokwazi ukungisiza. Kwakuthulile ezitaladini. Akuzange kungithathe isikhathi ukuba ngithole isiteshi samaphoyisa, lapho abangivumela ukuba ngilale khona ubusuku. Abuzange bufike neze ubuthongo ngemva kokuba ngifake icala lokuhlukumeza ngokumelene noSam.

Ekuseni ngayiswa Esibhedlela saseGroote Schuur ukuze ngihlolwe ukonakala kwangaphakathi. Ngahlolelwa ngisho ne-HIV, njengoba bengilala noSam ngaphandle kwesivikelo cishe inyanga yonke.

Ukuhlola kwabonisa ukuthi nginayo i-HIV. Ngezwa sengathi ummese wawuhlaba inhliziyo yami. Amehlo wami ayegcwele izinyembezi njengoba ngithatha iphepha, ngiligoqa futhi ngilifaka ekhukhwini lami. Udokotela wayelokhu echaza indlela engingakwazi ngayo ukuphila ukuphila okuvamile, kodwa ngase ngizizwa ngifile ngaphakathi.

Emva kwesikhathi, ngemva kokuthola iseluleko, uConstable Themba wangihambisa ngemoto saya endaweni yabesifazane abahlukumezekile eWoodstock. Yayinekeza ukudla nezingubo kubesifazane nezingane ezingenawo amakhaya futhi nabahlukumezekile. Yayinikeza iseluleko samahhala sokuphola ngokomzwelo ngisho nokwakha ukuzithemba.

UConstable Themba wayethe ngangizohlala lapho izinyanga eziyisithupha, kuze kube yilapho sengipholile ngokomzwelo futhi sengikwazi ngisho nokufuna umsebenzi. Ekuqaleni ngangingakhulumi namuntu. Kodwa othize wabeluleki oweza lapho wangiduduza futhi waqala ngisho nokushintsha imicabango emibi enganginayo ekhanda lami.

Ngelinye ilanga ekuseni weza wazohlala nami njengoba ngihlezi ebhentshini elisengadini encane.

“Ugqinsi lokwesaba nokungazethembi luye lafakwa ebuntwini bakho nguSam, kodwa uyintokazi enhle, ehlakaniphile futhi enesibindi,” wangitshela kanjalo. “Unekusasa eliqhakazile ngaphambi kwakho.”

Njengoba esho kanjalo ngahlala nezinyembezi zilokhu zigeleza ezidlathini zami. Ngabeka ikhanda lami ethangeli lakhe ngahayiza.

“Ngifuna ukubuyela ekubeni yimi futhi. Ngifuna ukuphila njenganoma iyiphi enye intombazane evamile, ngaphandle kwalokhu okwake kwenzeka ngaphambilini okumnyama.”

Enganga kakhulu ekugcineni wathi Rudo, “ungumulwi futhi ngizokusiza ukuba ukwazi ukubhekana nalokhu.”

Sahamba saya egumbini lokudlela sibambene izandla. Ngemva kwezinsuku ezimbili ngezwa ukuthi uSam wayeboshiwe, kodwa lokho akuzange kungijabulise neze. Ngangazi ukuthi wayezokhipha imali yokuphuma. Amadoda angidlwengula emngceleni, wona ahamba ekhululekile. Kodwa ngangingeke ngikwazi ukukhohlwa lokho okwakwenzeke kimi. Ayikho into eyayizokwazi ukushintsha ukunokala okungokomzwelo nokungokwenyama abakwenza kimi.

Kwakukhona ipaki enhle engagcina ngiyithanda njalo lapho ngangize esibhedlela ngizohlolwa ezinyangeni ezimbalwa ezalandela. Yayise Observatory. Njengoba ngifika epaki ngama okwesikhashana ngaphefumula umoya ohlanzekile.

Ukuphila nothando kuye kwangilahla. Ngineminyaka eyishumi nesithupha ngaphandle kwemfundo etheni. Kodwa, ngabe sengicabanga, ngisengakwazi ukufeza amaphupho wami kukangakhathaliseki ukuba kwami ne-HIV, kwakungasho ukufa kwami.

Njengoba ngihlala phansi ebhentshini eduze nechibi lezinhlanzi ngabheka amantombazanyana ayedlala ivolibholi. Bagcwele ugqozi lokuphila futhi bangikhumbuza indlela nami engangiyiyo ngaphambilini. Kodwa njengoba ngihamba ngezinyawo ngiya esiteshini sesitimela, ngangazi ukuthi indaba yami ayikakapheli.

Ngifisa sengathi ngingakwazi ukubhala phansi zonke izinto ezake zenzeka esihlabathini bese zivese nje zipheshulwe umoya, kodwa ke akusoze kwenzeka lokho. Ngizitshele ukuthi into engingayenza manje ukuthi ngizame ukuphila ukuphila okunempilo futhi mhlawumbe ngisize ngisho namantombazanyana afana nami.

Ngathatha umgwaqo oya esihogweni ngenkathi ngidlula umngcele ngigibela iloli kaSam. Kodwa manje ngiye ngathola umgwaqo obuyela kimi.

***

Sicela umbono wakho: Ingabe kungenzeka ukwakha kabusha ukuphila kwakho ngemva kokubhekana nomgwaqo ‘oya esihogweni’? Kanjani? Kungenzeka wenzani manje uRudo?

[[ext]