Ngomunye uLwesihlanu ebusuku uSam wangiyisa kwenye iphabhu engekude nalapho esihlala khona. Ngangingafuni ukuhamba naye, kodwa waphikelela ukuba ngihambe naye ukuze angaphuzi yedwa.

“Ngineminyaka eyishumi nesithupha kuphela ngeke bangivumele ngingene,” ngimtshela.

Ek is die man van hierdie plek. (Kukhala esami isicathulo kuleyo ndawo.) Umnikazi wephabhu ngumngani wami omuhle kabi,” esho engiqinisekisa. “Onogada ngeke bakuxoshe ngoba uzobe unami.”

Ngabe sengifaka izibuko eyenginikeze zona ukufihla ihlo elishayiwe, ngoba phela wonke umuntu wayezobe engigqolozele. Sahamba ngemoto saya kuphabhu engekho okhulumayo. Indawo yayisigcwala, kodwa sakwazi ukuthola itafula eduze nekhawunta. Ngangiqala ngqa ukuya ephabhu futhi abantu babejabulile. Njengoba uSam ehamba eyo-oda iziphuzo zethu kweza kimi indoda kimi enhle, ende. Kungenzeka wayephakathi neminyaka engamashumi amabili.

“Ngingahlala nawe?” kubuza leyo ndoda. “Ngingakuhlalisa kamnandi uyakwazi lokho.”
.
“Ngiyabonga, kodwa usekhona engihleli naye…” Ngisho, ngenkathi engingena emlonyeni.

“Njengoba eseshilo, kukhona akahleli naye futhi kumele uhambe,” kusho uSam etshela insizwa, njengoba ebeka phansi iziphuzo zethu.

“Bekumayelana nani ke lokho?” kubuza uSam ngemva kokuba insizwa isihambile.

Ngaphuza iwayini lami elibomvu. “Akulutho okumele ukhathazeke ngakho, Sam.”

Ngangifisa ukuthi lokho okwenzekile kwakungeke kushintshe kube yimpi ngenkathi sifika ekhaya. Kwabe sekungena amantombazane amabili ebha, cishe angedlula ngeminyaka emibili. Lo ogqoke ingubo ensomi wacishela uSam ihlo, njengoba belibhekise kukhawunta.

Ngasukuma ngaya endlini yangasese. Ngemva kwami, ngamuzwa ehleka futhi ehlikasana nala mantombazane amabili. Ngabuya ngahlala phansi etafuleni lethu, kodwa uSam wayengekho lapho. Ngabe sengicabanga ukuthi kungenzeka unalawo mantombazanyana lapho akhona. Insizwa ende yabe isiqhamuka futhi manje yavese yahlala eceleni kwami.

“Ukuhlala kwakho lapha kuzodala izinkinga,” kusho mina, njengoba ngibheke amehlo wayo amnyama.

“Kodwa wenzani nje nale ndoda eguge kangaka?” ebuza.

Ngathi ukuthula kancane ngabe sengithi, “Leyo ndoda egugile nguye yedwa umuntu osengisizile kuze kube manje. Ngaphandle kwakhe angazi ukuthi ngabe ngikuphi.”

“Igama lami ngu Akhona,” kusho insizwa, isho ingixhawula. “Ubuso bakho busha. Ingabe uhlala khona lapha?”

“Ngijabulela ukukwazi. NginguRudo. Nginamaviki ambalwa ngihlala lapho,” ngiphendula. Isikhwama sami sabe sesiwa kusuka etafuleni njengoba ngigobile ngithi ngiyazicosha izibuko zami nazo zawela phansi. U-Akhona waguqa ukuze azicoshe yilapho ke abona khona ihlo lami.

“Asikho isidingo sokuba uqhubeke uphila ngale ndlela, Rudo,” kusho insizwa. “Asikho isidingo sokuba uhlale nale ndoda. Lokho ekwenza kuwe akulungile. Indoda eshaya owesifazane akuyona indoda. Vula amehlo ubone, ntombazanyana.”

Khona lapho kwabuya uSam. Kuya ngokubukeka kobuso bakhe ngangazi ukuthi ngalobo busuku ngangizophela uma sifika ekhaya.

“Asambe manje siye ekhaya,” kusho uSam ngomoya ophansi, kodwa ebe engibheke ngale ndlela ahlale engibheke ngayo uma eqhuma intukuthelo. Wayengafuni ukuzilethela amehlo abantu ephabhu.

Wadonsa kabuhlungu isandla sami njengoba siphuma ephabhu. Ngangiqhaqhazela ngenxa yokwesaba futhi ngangesaba ngisho nokuhlala eduze kwakhe emotweni. Ngokushesha nje lapho evula umnyango wasefulethini wangihlangabeza ngenqindi. Ngamemeza ngenxa yobuhlungu. Washayisa ikhanda lami odongeni futhi ngawa ngaquleka.

Lapho ngiphaphama phakathi namabili ngangiphethwe ikhanda elinzima. Isango lokungena lalikhiyiwe okusho ukuthi wayehambe nezikhiye. Ngehluleka ukusukuma, ngaya endlini yangasese. Ngibheke ubuso bami esibukweni ngabona igazi nemivimbo kuyo yonke indawo. Ngangingasaziboni kwamina.

***

Sicela umbono wakho: Ingabe kuyinto efanelekile ukuba indoda ishaye owesifazane? Yini uRudo okumele ayenze manje?