USphelele usekamelweni lakhe, ucabanga iqhinga lokuphuma kulobu bubi obuyimpilo yakhe. Ucabanga kanzima ufuna isixazululo, kodwa akasitholi. Bese ekhumbula indaba ayixoxelwa uMaSkhakhane. Wayeqala ngqa ukumtshela ukuthi akayona ingane yabo.

“Ngesikhathi ngikuthola kulowa mgqomo ngabona ukuthi unesikhathi eside uhleli khona. Kodwa wakwazi ukusinda, uwedwa. Ngakho- ke khumbula ukuthi noma nini lapho uzizwa ubuthakathaka, khumbula ukuthi unamandla amakhulu, Sphelele.”

Indaba yokusinda emncane ithatha yonke imicabango kaSphelele. “Kumele ngisinde nakulokhu. Kumele ngize nesixazululo esingibeka obala. Futhi lokho kusho ukuthi kufanele nginikele uDennis emaphoyiseni. Kodwa kuzokwenzekani ngoMa? Uzokwenzani ngesinqumo sami?” Kusho uSphelele ezihlebezela.

Kuthi kusenjalo kuzwakale ukungqongqoza esicabheni.

“Ubani?”

“Yimina, uMzwa!”

UMzwa ungomunye wabathengi bakhe. USphelele uvula isicabha amngenise.

“Mzwa, bru, ngiphelelwe yi-stuff.”

USphelele uyabona ukuthi kukhona ukumoyizela ebusweni bukaMzwa.

“Ungaqambi amanga, Sphelele.”

“Ngikutshela iqiniso. Sesiphelile kanti nomphakeli wami akanaso. Ngakho-ke angizukuba naso isikhathi eside.”

Ahleke uMzwa, avule ucingo lwakhe. Ushaya umlozi njengoba ekhombisa uSphelele i-video. Akawakholwa amehlo akhe uSphelele. I-video ngekaSphelele futhi umsindo ucacile futhi uphezulu. Ithwetshulwe esikhathini esingaphansi kwehora ngenkathi uSphelele esocingweni noDennis. Kuyona i-video uSphelele uvuma icala lokudayisa i-cocaine futhi okubi kakhulu ukuthi uzifaka ecaleni lokudayisa i-cocaine eyabulala intombazane eyayisebenzisa ngokweqile.

UMzwa uyahleka. “Njengoba ubona Sphelele, impilo yakho isezandleni zami. Leyo-video  uma ingaphuma kuphelile ngawe. Uzoxoshwa esikoleni uye ejele. Ngenze amakhophi ayo amaningi ngakho-ke ungacabangi ngisho nokwenza lutho kimi.”

USphelele uyawezwa amakhwapha econsa umjuluko. Inhliziyo yakhe ishaya ngamandla.

“Yilokhu engikufuna kuwe Sphelele. Ukuze le-video ihlale iyimfihlo uzongikhokhela u-R1000 ngesonto futhi unginike isikhwama nsuku zonke.”

USphelele usabambe ongezansi.

“Siyezwana? Ungizwile nje Sphelele?”

“Kulungile, kulungile, Mzwa. Buya ngemuva kwemizuzu engu 15. Ngizohamba ngiyothatha imali ne-cocaine.”

“Nazoke,” kusho uMzwa.

USphelele ungena endlini yokugezela lapho efihla khona izikhwama ezimbalwa ngemuva komgodi wethoyilethi. Uthatha isikhwama se-cocaine nemali akubeke kokubili etafuleni lokufunda. USphelele ucupha umakhalekhukhwini wakhe ukuze aqophe konke okuzokwenzekayo.

UMzwa ubuya emuva kwemizuzu engu 15. Ukhotha izindebe uma ebona imali ne-cocaine etafuleni. Uhosha i-cocaine ebe ebale imali. “Mfana omuhle, Sphelele. Ngakho njalo ngoLwesihlanu ngizoza ngizolanda imali yami ne-cocaine, ngaphandle kwalokho i-video izosabalala.”

“Kulungile, Mzwa. Ngizogcina isivumelwano sami uma nawe uzogcina esakho,” kusho uSphelele.

Amamatheke uSphelele ebuka i-video kaMzwa ehosha i-cocaine, ethatha nemali. Ulinda imizuzu engu 30 ngaphambi kokuyithumela kuMzwa.

I-video ihambisana nalo mlayezo.

‘Nginawo amanye amakhophi e-video. Uma kwenzeka noma yini kimi azophuma. Uzoxoshwa futhi ulahlekelwe umfundaze. Ungaphinde uze ekamelweni lami. Ungalokothi nje ungikhulumise mina. Gcina imali ngoba uyayidinga. Kodwa angeke uphinde uthole elinye isenti kimi. Siyavumelana?’

“Hhayi suka! Hhayi suka! Hhayi suka!” Kumemeza uMzwa emuva kokubona i- video.

Ebese ebhala  kumakhalekhukhwini.

“Yebo ngiyavuma.”

Sitshele umbono wakho: Uthini ngecebo aqhamuka nalo uSphelele ngesikhathi uMzwa ezama ukumugebenga?