Amakhasimende alokhu etheleka, imali ilokhu inqwabelana futhi uDennis ulokhu eyiletha i-cocaine. Njengoba uSphelele enza imali eningi unembeza ulokhu umenza angalali ebusuku ecabanga ngezimpilo zabafundi azilimazayo. Usphelele usebone amakhasimende akhe amaningi yeka izifundo zawo futhi aphenduke izigebengu ngoba nje efuna ukuthi akwazi ukumela lemikhuba yawo ye-cocaine.

USphelele ubala izishuqulu zemali, afikelwe ukuthi ayeke. Uyedwa egumbini lakhe, unembeza uyamudla. Unenkinga yokukhathazeka ngemuva kokucabangisisa. Uyazi ukuthi sekusele kancane abanjwe. Uyifunde yonke imithetho yasenyuvesi futhi ukuxoshwa yikhona kuphela umphumela uma ebanjwa edayisa izidakamizwa. Ukuxoshwa cishe kuzolandelwa yijele. Wonke umuntu obhema i-cocaine uyazi ukuthi ungumdayisi.

Uthuswa ukungqongqoza esicabheni. Asukume ngokushesha, afihle imali abeyibala kanye ne-cocaine abeyipakisha. Uvula isicabha athole uThabiso obukeka edabukisa sengathi kukhona umuntu oseshonile.

“Unjani mfowethu?” kusho uThabiso.

“Ngiyaphila, Thabiso. Kuhamba kanjani?”

“Kubi, dawg. Kubi ngempela.”

“Kwenzenjani?” Kusho uSphelele ehlahle amehlo ngenxa yokudideka.

“Lalela, Sphelele, Kunentombazane esanda kushona ekamelweni layo eBlock A.”

“Hhayi bo! Kwenzekeni kuyo?”

“Isebenzise i-cocaine ngokweqile.”

“Hewu! Kuyathusa lokho.”

“Kufanele wesabe, Sphe.”

“Kungani uthi kufanele ngesabe?”

“Kahle, Sphe. Wonke umuntu uyazi ukuthi nguwena othengisa i-cocaine lena ebhenywa umuntu wonke lana ekhempasini.”

“Angazi ukuthi ukhuluma ngani, Thabiso.” Umjuluko usuyaconsa esiphongweni kuSphelele. Uzibuza ukuthi: Ingabe i-cocaine yami  ngempela eyimbangela kokufa komuntu?

“Ungaphiki, Sphe. Ukuthi sisondelene akusho ukuthi ngeke ngikhulume nawe ngalento oyenzayo.”

“Uyangicika manje Thabiso. Ngicela uhambe kungenjalo ngizo-”

“Uzokwenzani? Uzongibulala nami?”

“Angiyena umuntu onjalo, Thabiso. Angizidayisi izidakamizwa futhi asikho isidingo sokuthi ngizichaze kuwe ngoba awazi lutho ngami. Vele uhambe!”

“Kulungile, ngizohamba. Kodwa ngifuna ubheke inhliziyo yakho  uma sengihambile. Ngifuna ube neqiniso kuwena ngoba unesandla ekufeni kwaleya ntombazane.”

“Hamba Thabiso ngaphambi kokuba ngithukuthele!”

USphelele uziphonsa embhedeni eqeda nje uThabiso ukuphuma. Lokho akubi yisikhathi eside njengoba ingqondo yakhe iyaluza. Uyacabanga ukuthi uzozifihla kuphi izidakamizwa  ngoba kungenzeka omunye wabafundi atshele amaphoyisa ukuthi uyena ngempela ongumdayisi we-cocaine ekhempasini. Afonele elinye lamakhasimende akhe elingekho esikhungweni bese egijima eyofihla izidakamizwa efulethini lalo.

Abuyele ekhempasini  afike azilahle embhedeni. Imicabango ethusayo igeleza njengomfula emqondweni. Izinyembezi sehla ubuthaphuthaphu emehlweni. Azidele avele akhale esikaNandi isililo kungaphela ngisho isikhathi esingakanani.

Akhiphe umakhalekhukhwini wakhe ngoba efuna ukushayela uDennis. Kodwa kungene i-imeyili njengoba esezoshayela inombolo kaDennis.

I-imeyili imayelana nentombazane eshone ngenxa yokusebenzisa ngokweqile i-cocaine. USphelele ufunda i-imeyili. Kunesithombe sentombazane engasekho. Inhliziyo yakhe ibuhlungu lapho ebona ukuthi uyidayiselile le ntombazane isikhwama se-cocaine emahoreni ambalwa edlule.

Uyahamba uya kwenye yezindawo ebizwa nge-bed and breakfast uyolala khona. Unethemba lokuthi ukuba kude nasekhampasini kuzomsiza ekuphumezeni umqondo. Akafuni futhi ukuthi amaphoyisa amthole ekamelweni lakhe uma kwenzeka kukhona omkhiphayo. Afonele uMaSkhakhane nje usezinzile kulendawo akuyo.

“Sphelele!” Kuphendula uMaSkhakhane ngenjabulo.

“Unjani, Mama?”

“Ngiyaphila mfana wami. Sekunesikhathi ngingezwa kuwe. Besengiqala nokukhathazeka.”

“Ngiyaphila, Ma.  Bengimatasatasa kulezinsuku.”

“Ngiyakuzwa, mfana wami.”

“Zinjani izinto lapho ekhaya?”

“Yikhona khona kodwa nawe uyazi ukuthi ubaba wakho uhlezi engekho ngakho-ke  ngiba nesizungu ikakhulukazi njengoba usulapho enyuvesi.”

“Ngiyaxolisa ukuzwa lokho, Ma.”

“Ungakhathazeki kakhulu ngakho. Awungitshele, zihamba kanjani izifundo zakho?”

Adonse umoya uSphelele. “Mama, kunzima. Angikayijwayeli le ndawo kodwa ngenza kahle ezifundweni.”

“Ngiyacabanga ukuthi kunzima ikakhulukazi njengoba kubuye kubenzima kuwena ukwenza abangani.”

“Kodwa ngiyazama ngoba akukho engingakwenza. Phela eminye yemisebenzi okumele siyenze idinga sisebenze ngamaqembu futhi kukhona abantu bazo zonke izinhlanga kulawo maqembu.”

“Kuhle lokho, mfana wami. Ngiyajabula kakhulu uma uzokwenza ubungane nabantu bezinye izinhlanga.”

“Yebo, Mama. Kufanele ngihambe ngoba  kumele ngifunde kancane.”

“Usale kahle. Umama uyakuthanda.”

“Ngiyakuthanda nami, Ma. Usale kahle.”

Uma efasiteleni ebuka izinkanyezi esibhakabhakeni. Ngingaqala kanjani nje uma ngifuna ukutshela uMa ngokwenzeka empilweni yami? Uzibuza ecabanga.

Sitshele umbono wakho: Ungamluleka uthini uSphelele? Angaluthola kuphi usizo?