“Kodwa sthandwa sami ungishiyeleni? Ngicela ubuye, Manqoba. Ngicela ubuye baba womntanami. ULwandle uyakudinga, sthandwa sami!” kuhayisa uMbali egumbini elimnyama elingawo ngisho umsebe welanga.

Amehlo abomvu tebhu kuMbali ukuhlezi ekhala ubusuku nemini. Ucabanga ingane yakhe ekufanele engabe incela kuyena ebeleni. Uyacabanga ukuthi isikhule kangakanani manje emuva kwezinyanga ezintathu. Kuvele kuthi akume inhliziyo uma ecabanga ngoManqoba.

“Baba wethu osezulwini. Ngiyazi angijwayele ukuthandaza kodwa ngiyaludinga usizo lwakho. Usumthathile uManqoba ngiyavuma kodwa bengicela wenze ubulungiswa lomuntu obulale umnyeni wami aboshwe ukuze nami ngithole ithuba lokukhulisa umntanami. Ngiyakucela Baba.”

Akabe esawusho ngisho u-Ameni ngenxa yesibibithwane esenziwa ukukhala. Ukhala amehlo aze avuvukale nomzimba unkenkethe. Ugcina ezumekile. Uvuka isango lalapho eboshwe khona livuliwe.

“Unesivakashi,” kusho unogada.

Uthe eqhamuka kuleli gumbi lezivakashi, ayibone ingane yakubo, uQhamkile.

“Dadewethu!” kusho uQhamkile.

Uthi uyasukuma uyamhlangabeza kungenele unogada ebakhumbuza ukuthi akuthintwana.

“Uyaphila kodwa ngane kaMama?” kubuza uQhamukile ebamba izinyembezi uma ebona ukuthi udadewabo usehle kanjena emzimbeni.

“Ngifuna umntanami, Qhamkile! Ngifuna ukubamba uLwandle ezandleni zami!”

“Shh, ungakhali, Mbali.”

“Ngingathula kanjani kodwa? Umnyeni wami ubulewe. Umphakathi usola mina. Kumanje ngiboshiwe ngiboshelwe ukubulala umnyeni wami, isithandwa sempilo yami. Kumanje ingane yami izokhula ingamazi unina. Empeleni izokhula yazi ukuthi unina ungumbulali wabulala uyise!!” ukhala aze abe nesibibithwane uMbali.

“Dadewethu ngithandaza ubusuku nemini ukuthi uNkulunkulu enze isimangaliso. Nawe ungadikibali ukuthandaza. Uyakhumbula umama mhla edlula emhlabeni wathini?”

“Wathi uboletha lonke usizi lwakho kuJehova ngokuba yena uyayizwa imithandazo yethu,” kusho uMbali ngethemba.

“Ungalinge ukukhohlwe lokho nanoma inini,” kusho uQhamkile eduduza ingane yakubo.

Kudlula izinsuku ezimbili. Ujulile ngemicabango uMbali ngesikhathi unogada evula isango. Umqondo wakhe uzicabangela uManqoba. Ucabanga ngezikhathi ezinmnandi zakudala. Ucabanga ngothando ababenalo. Luvele lumnakashele kakhulu usizi.

“Ingabe khona ongivakashele?”

“Cha ungagoduka uye ekhaya?” kuphendula unogada emamatheka.

“Ini?”

“Yebo, ahoxisiwe wonke amacala akho. Ngicela uye kumshushisi wecala, uzokuchazela konke.”

*****

Kusesigodlweni kugcwele izithenjwa senkosi. UMbali ugone uLwandle, eduze kwakhe kuhlezi uQhamkile. INkosi noMaNdlovu bahlezi komunye u-sofa.

“Mntanami, sikuthukile siyisigodlo. Sanaphaza igama lakho sakubiza ngombulali. Kuthiwa ukungazi kufana nokungaboni. Nathi besenziwa ukungazi. Siyaxolisa kakhulu ngomonakalo owenzekile, sicela usixolele,” kusho iNkosi

Uthule akaphenduli uMbali, kuqathaka izinyembezi kuphela. UQhamkile ambeke isandla ehlombe.

“Mina ngihlulwa ngisho ukukubuka emehlweni. Ngiyazisola ngokucabanga ukuthi ubulele umntanami. Ngiyazi ukuthi benithandana kangakanani. Mbali, ngiyaxolisa kakhulu ngiyazi kubuhlungu kodwa ngelinye ilanga ngifisa ungixolele,” kusho uMaNdlovu.

“Ngokwesiko uma umfazi eshonelwe indoda uyaye angenwe ngumfowabo ukuze umuzi ungafi. Kodwa thina sibone ukuthi sikudelele uphile impilo yakho njengesifiso sikaManqoba. Indlela nathi esixolisa ngayo. Sizokukhulula ukuthi ungabuyela ekhaya noma uyosebenza uphinde uthole uthando futhi. Usemncane usangagana futhi. Ngalokhu ke sithi yobe,” kubeka inkosi ubona ukuthi iyazisola kakhulu.

“Ngiyanizwa bantu abadala. Ngiyalwamukela uxolo lwenu. Ngisacela ningiphe isikhathi kuqala ngizilele umnyeni wami ngiphinde ngikhulise ingane yami ngoba isencane sengingahamba ke ngijubalale. Kodwa angisoze ngakhohlwa uManqoba. Ubewukuphila kimi. Ubeyikho konke kimi. Futhi ngiyohlezi ngimthanda mihla yonke yokuphila kwami. Ngibonga lesi sipho angishiyele sona.ULwandle lwethu. Bengicela ukuya ethuneni lakhe.”

“Kulungile ngane yami,” kusho uMaNdlovu.

UMbali uguqe phambi kwethuna likaManqoba. Uzozidelisa naye kwazise wayengekho mhla kufihlwa umnyeni wakhe.

“Sthandwa sami, ngiyethemba ulele uphumule lapho ukhona. Ngiyethemba futhi ukuthi lapho ukhona alukho usizi. Lithi ibhayibheli akulanjwa akomiwa. Uhlale wazi ukuthi ngiyakuthanda. Ngikuthanda ngayo yonke inhliziyo yami. Angisoze ngakukhohlwa Manqoba, akekho umuntu oyovala isikhala sakho empilweni yami. Ngicela ube yiso elihle kwindodana yethu uLwandle. Umbheke ngeso lokhozi. Lala uphumule, sthandwa. Sengathi uhambo lwakho lungakhanya. Kufa uyinuku ngoba ungithathele wena. Lala ngoxolo baba kaLwandle. Lala uphumule Nkosana yesizwe. Isizwe silahlekelwe ngumholi wakusasa. Isiyobonana kwelizayo. mnyeni wami. Ngiyakuthanda.”

UMbali ubeka izimbali ethuneni lomyeni wakhe, ubamba uLwandle amange isikhathi eside,  maqede azisule izinyembezi.

Sitshele umbono wakho: Ungayichaza uthini lendaba oqeda ukuyifunda?