Ushaya obudala ubuthongo uNelisiwe. Avuswe ukukhala kocingo. Kufona unina.

“Phuma uzosihlangabeza silana ngaphandle esangweni,” kusho unina ngolaka.

“Mama, beningasho ngani ukuthi niyeza?” kubuza uNelisiwe ngovalo.

Kuyamcacela ukuthi abazali bakhe bayibonile ividiyo yakhe edakiwe.

“Sekumele sizichaze kuwena manje? Ngithe phuma uzosihlangabeza,” kuthetha unina ocingweni.

“Cha, angisho kanjalo, Mama.”

Avuke agqoke ngokushesha. Abuye esehamba nabo abazali bakhe. Bahamba nje akekho okhulumisa omunye. Ngenhlanhla uZandile ugodukile, akekho egumbini labo.

“Manyala mani lawa owenzayo? Umthetho wakho usungenwe amadimoni? Usuphuza utshwala udakwe emajoyintini?” kuthetha uDludla.

“Baba, ngicela wehlise umoya,” kuncenga uNelisiwe.

“Kumanje ibhodi lingibizele umhlangano ngoba wena uziphathisa okwehlongandlebe. Uyazi ukuthi singalahlekelwa yikho konke esinakho ngisho isonto imbala ngenxa yokubhayiza kwakho?”

“Baba, sengimdala mina manje. Musani ukungiphathisa okwengane encane. Mina ngangingekho ebusheni benu,” kusho uNelisiwe.

Amshaye ngolabhabha wempama uDludla.

“Baba, musa ukumshaya. Uzovele wenze isimo sibhebhetheke. Asihlale naye phansi umntwana sikhulume naye,” kusho uMaZubane.

“Iyadelela le ngane yakho. Ikhuluma nobani kanjena?”

“Yobe mnyeni wami, mxolele umntwana sonke sikhula ngamaphutha,” kushwelezela uMaZubane.

“Ngoba ukuziphatha kuyakwehlula, Nelisiwe, vele uqoqe amasakana akho sibuyele ekhaya. Uzobuya ukuzofunda mhla wahluza umqondo kahle wazazi ukuthi ufunani empilweni,” kusho uyise.

“Baba, angigoduki mina. Yebo, ngilenzile iphutha kodwa angeke ngishiye izifundo zami ngiyohlala emakhaya. Ukhumbule ukuthi mina ngifunda ngomfundaze,” kusho uNelisiwe.

“Bekumele ukucabange lokho ngaphambi kokuthi uhambe amajoyinti. Asingalokhu siqophisana namuhla siyagoduka siya ekhaya,” kusho uDludla.
“Baba, ngizokuphindela futhi. Angiqondile ukukudelela. Angiyi ndawo mina ngizoqhubeka ngifunde lana.”

“Isalakutshelwa sibona ngomopho,” kusho uDludla.

“Baba, nawe ungamqalekisi umntwana. Nelisiwe, asigoduke siye ekhaya, uzobuya uma ubaba wakho esehlise umoya.”

“Ngikhathele inina ningithathela izinqumo ngempilo yami. Empeleni mina ngangifuna ukuyofunda eGoli kodwa nina nangiphoqa ukuthi ngifunde lana eThekwini. Angiyi ekhaya seningahamba uma nithanda.”

“Uwakhumbule amazwi akho, Nelisiwe, ungawakhohlwa nanoma kunini. Uma udelela abazali bakho awusoze waba yilutho empilweni,” kusho uDludla.

“Asihambe baba,” kusho uMaZubane esula izinyembezi.

Umshaye unembeza uNelisiwe. Abuye aziduduze ngokuthi wenze isinqumo esiphusile. Akasaziboni nhlobo ehlala emakhaya. Impilo yaseThekwini imnandi kakhulu. Nendlela aphuza ngayo utshwala yaqala yenyuka. Uma ethola imali bayahlanganisa kuthengwe utshwala kubhenywe. Isikhathi sokufunda akasasitholi kahle. Akezwa noma bemkhuza abangani bakhe.

“Nelisiwe, angiyithandi le mpilo oyiphilayo manje. Usuhlezi uphuza ngaso sonke isikhathi. Ngiyazibuza nje ukuthi usithathaphi isikhathi sokufunda,” kusho uNtokozo.

“Ungakhathazeki ngami, Ntokozo. Angiyona ingane encane; ngiyayazi into engiyenzayo.”

“Ngiyakuzwa, ukuthi angeke ngiphatheke kahle uma kukhona okubi okungakwehlela ngikhona ngoba nginendaba nawe,” kusho uNtokozo.

“Ungakhathazeki ngami nginendoda yami engithandayo. Umsebenzi kaSizwe lowo; akuwona owakho. Musa ukuhamba uzifaka ezindaweni ezingakudingi.”

“Uthandana noSizwe? Nelisiwe, wenza iphutha elikhulu. Lo mfana akalungile nhlobo ushintshashintsha amantombazane njalo,” kusho uNtokozo.

“Sengibajwayele abantu abanomona njengawe abasangithusi nakancane. Uma ungamthandi uSizwe ubungani bethu bungamane buphele ngoba uyingxenye yempilo yami manje,” kusho uNelisiwe.

“Anginawo umona kodwa ngizama ukukubonisa; mina ngenza unyaka wesine uSizwe ngiyamazi, njalo uma kuqala unyaka uthandana nezingane ezifikayo bese eyazilahla.”

“Imibono yakho yigcine kuwena ngoba mina anginandaba,” kusho uNelisiwe.

Sitshele umbono wakho: Uthini ngezenzo zikaNelisiwe kulesi sahluko?