Ngakusasa ngivuka ngiqonde emjondolo ka-Agnes. Isicabha sivulekile, u-Agnes kukhona akulungisayo odongeni, akangiboni. Ngiyasondela kuye. Uphenduka sengithi ngiyamqhweba ehlombe.

“Hheyi, usuyakwazi ukuzihambela! Ngiyajabula ngoba usungcono.” Ukujabula kweqiniso okusebusweni buka-Agnes.

“Ngingcono, Agnes, ngizobonga kuwena ngosizo lwakho.”

Siyasondelana, siqabulane. Buphela lapho ubumnandi ngoba sizwa kugaklazeka isicabha. Nangu uChino umile uyasibuka. Akuseyena lo Chino onenhliziyo enhle engimaziyo. Ukucasuka kugcwele ebusweni. Uqonda ku-Agnes amsuse eduze kwami embambe ngezinwele.

“Akufanele ngabe uqabulana nenye intombazane, damn it!” umemeza endlebeni ka-Agnes, emhudula ngezinwele.

“Mdedele! Uyamlimaza! Ngicela umyeke,” ngimemeza. Kodwa uChino angakwenza kanjani lokhu akwenzayo. Mina ngangihambisana naye ngesikhathi ehlukunyezwa amaphoyisa. Naye kumele ahambisane nalokhu esikwenzayo ngoba uthando lolu olusiphethe sino-Agnes.

“Wena kufanele ngabe uqabula mina, hhayi udadewethu,” uphendukela kimina, amehlo asebomvu ngenxa yolaka.

“Cha, Chino, angifuni ukuqabula wena.”

“Awuzazi ukuthi ufunani wena.”

“Manje, Chino, uwena owaziyo ukuthi uNana ufunani?” U-Agnes useyamemeza manje. Acasuke kakhulu kunakuqala uChino. Sengiyesaba manje. No-Agnes bekungafanele akhulume kanjena.

Imilenze ka-Agnes iyavevezela ngenxa yokwesaba.UChino ubhodla umlilo, usakaza izihlalo netafula yonke indawo.

“Ngilindeni la! Ngiyabuya nizongibona kahle ukuthi ngingubani mina!” Uphuma edlwathuzela.

Sisala singazi ukuthi kumele senzeni. Singacasha kuphi?

“Asigibele ophahleni. Kungenzeka abuye esecasuke kakhulu, kungenzeka abuye nesikhali,” kusho u-Agnes.

Uyangisiza sigibele ophahleni. Silunguza phansi ngezikhala ezincane ezisophahleni, sibone uChino engena ehamba noChenzira, kanye nabanye abantu besilisa.

Uyasiqalaza esibheka. Simuzwa ethetha, “Bebelana. Kade bekhona. Ngibabambe be…”

“Benzani? Kade benzani, Chino?” kubuza uChenzira, ezama ukumpholisa.

“Bebeqabulana. Bebenza into engafanele ukwenziwa abantu ababili besifazane. Bekwenyanyisa!”

“Ubani obenza lokho, Chino? Sitshele? Obani abakade beqabulana?” kubuza uChenzira.

“Udadewethu, u-Agnes, ubeqabulana nale ntombazane esanda kufika kwamakhelwane,” kuphendula uChino ngezwi eligcwele ulaka oluhlangene nokuphatheka kabuhlungu.

“Manje thina sizokwenzani lapha, Chino? Usibizeleni?”

“Bafowethu, kufanele siyilungise le nto.”

“Kanti singobani thina? Sesadlula leso sikhathi. Chino, asibona abahluleli thina.” UChenzira esecasukile manje, ucasukele uChino: “Uma ucabanga ukuthi kukhona esizokwenza kula mantombazane, kufanele wazi ukuthi asihambisani nawe.” UChenzira uyaphenduka asondele esicabheni.

“Uyigwala, Chenzira. Awuyindoda yalutho.”

“Uma ukuba igwala kusho ukuthi ngingawadlwenguli amantombazane ngoba engabathandi abafana, kulungile ngibe igwala.”

UChino uphendukela kwamanye amadoda abangene nawo,“Uma kukhona omunye ovumelana noChenzira, akaphume naye amlandele,” izwi lakhe linokungabaza.

“Ngeke ulungise indlela abantu abazizwa ngayo. Ngeke ulungise indalo, Chino,” kusho uChenzira ephuma ehamba.

Alandela uChenzira namanye amadoda. UChino asale yedwa.

Simile sobabili ophahleni lomjondolo. Ubani ongasehlulela ngemizwa esinayo? Okubalulekile ukuthi u-Agnes useceleni kwami nami ngiseceleni kwakhe.

Okubalulekile empilweni ukuthola ukujabula komphefumulo, ubambelele njalo.

Iyaphela