Ziyaphenduka la kuFlorida Road eThekwini. UNonhle uzwa kuduma isigubhu sengoma esifubeni nasenhliziyweni njengoba engena ngesicabha kwenye yezindawo zokubhiyoza. Uzizwa eshiywa igazi uma ethatha amagxathi ambalwa ngaphakathi. Uyezwa unembeza umtshela ukuthi bekungafanele avumele ukuza la noWandile. Uthuka ome uNonhle ebona abantu besifazane bedansa begqoke amaphenti no-bra kuphela. Uyabona ukuthi noma kanjani i-strip club lesi abakusona. Izindawo ezinjena ugcina ngokuzibona emafilimini aseMelika kuphela – ungabe kungani uWandile engamutshelanga ukuthi baze e-strip club?

UWandile uyaqalaza ubheka uMax noMzi. Uyashesha ukubabona etafuleni elisekhoneni. Udonsa uNonhle, baqonde kulona leli tafula abahlezi kulo oMax noMzi. Uhlahle amehlo manje uNonhle. Ngaphezu kokumangazwa ukubona ama-strippers uNonhle ushaqekile uma ebona ukuthi badala kangakanani oMax noMzi. Ngendlela abexoxa ngayo uWandile ubebeka sengathi abakhulile kakhulu. Kodwa uNonhle uyabona ukuthi bangontanga kayise labalisa.

“Lona nguNonhle umngani wami,” kusho uWandile.

“Waze wamuhle Nonhle! Ngicela uzohlala lana eduze kwami,” kusho uMax elayitha ugwayi ebhema.

Inhliziyo kaNonhle ibhakuza kakhulu esifubeni.

“Igama lami nginguMax kodwa wena ungangibiza ngoDaddy.”

“Ngiyajabula ukukwazi,” kuso uNonhle ehlala phansi maqede ahlehle kancane njengoba uMax esondela kuyena.

“Ungathanda ngikuthengele ini yokuphuza, Nonhle?” UMax uncikisa ithanga lakhe kwelikaNonhle.

“Empeleni angiwathinti amanzi amphonjwana ngicela ungitholela ijusi ye-aphula uma ikhona kulendawo.”

“Kulungile,” kusho uMax ebiza u-waiter. Nangempela asondele nganeno. “Ngicela utholele isiphalaphala sami ijusi ye-aphula.”

“Kulungile. Ngizokulethela njengamanje” kusho lomfana ongu –waiter ecifela uMax iso.

UWandile noMzi sebekhale amaphepha. Luqale lumshaye kakhulu manje uvalo uNonhle. Ingabe bayephi? Aziduduze ngokuthi hhayi bazobuya. Uphenduka abuke uMax abone lendoda imubuka amabele namathanga ngamehlo okuhala. Ushaya umthandazo omncane ecela ukuba uWandile abuye masishane.

Kuyashisha manje la e-strip club, uNonhle womiwe. Siyafika isiphuzo sakhe, asiphisele ekhanda. Ubiza esinye, naso asiphisele ekhanda. Akupheli mizuzu emingaki azizwe ezulelwa ikhanda. UMax umubamba esezobhaklazeka ngekhanda etafuleni uNonhle. Uhleka kancane uMax njengoba esethwele uNonhle beyophuma ngesicabha esingemuva e-strip club. UMax uphosa uNonhle emotweni.

UMax ujeqeza esihlalweni sangemuva. Ubona uNonhle elele zwi, ahleke kancane, anyathele imoto ayikhombe eProtea Hotel ngasolwandle. UNonhle uphaphama kancane aphinde aquleke njengoba uMax epaka imoto endaweni yokupaka eseduzane negumbi aliqashile eProtea Hotel. Uthwala uNonhle amufake egumbini, amuphonse embhedeni maqede athathe ubhiya efrijini elincane elikhona la egumbini.

“Kuzoba ubusuku obumnandi,” uMax ukhuluma yedwa.

Uminya ubhiya ngokushesha, akhumule zonke izingubo azigqokile. Uzikhumula ngesinono izicathulo zikaNonhle. Umuqabula izinyawo, amupotopotoze imilenze. Izidakamizwa abamufakele zona esiphuzweni uNonhle ziyadamuka manje – uvula amehlo, ahayize.

“Ungenzani? Wenzani? Ngiyeke Ngiyeke!”

“Shh shh!”

“Ngiyeke! Hlukana nami!”

“Shh”

“Ngikuphi? Ukuphi uWandile? Wandile!”

“Akekho umuntu ozokusiza. Imina nawe. Ungafuni ngilokhu ngikuncenga ngoba ngizoze ngicasuke!” Kubhoka uMax ngolaka.

“Ngisizeni bo! Nangu umuntu engidlwengula!”

UMax uzama ukuvala uNonhle umlomo ngesandla ukuze athule kanti akabuzanga elangeni – uNonhle uluma sona leso sandla kakhulu. Uyahayiza manje uNonhle. Kuthi lapho uMax esanake isandla sakhe esilunyiwe, asuke uNonhle adiyazele aqonde esicabheni. Kodwa uMax uyashesha futhi unamandla. Ubamba uNonhle ngokushesha amuphonse embhedeni. Isandla sakhe siyopha manje, sophela emashidini.

Omunye wonogada ukuzwile ukuhayiza komuntu wesifazane. Ungena nezicabha egumbini lapho kuhlaselwa khona uNonhle.

“Ubezama ukungidlwengula!” kusho uNonhle etshela unogada.

“Uqamba amanga lo! Uzifikele yena la! Angimphoqanga!” Kusho uMax.

“Ubezama ukungidlwengula!” UNonhle ugijima acashe emuva kukanogada.

Unogada ubiza abanye ozakwabo. Akupheli sikhathi esingakanani afike amaphoyisa. UMax akalwisani namaphoyisa, usentekenteke ngenxa yenxeba elisesandleni lapho uNonhle amlume khona. UNonhle uyabuka njengoba amaphoyisa efaka uMax ozankosi.

***

Sitshele umbono wakho: Ucabanga ukuthi kufanele enzenjani manje uNonhle?