Kusemini yasekuseni. UMaMhlongo ukhwehlela akaqedi embhedeni. Usefisa ukuthola ngisho iconsi lamanzi. Ujeke wamanzi owashiywa uWandile ezinsukwini ezimbili ezedlule uphele namhlanje ekuseni. Akabonwa nangokhalo uWandile. Kungena uNonku ngesikhathi ukukhwehlela kusamxine kakhulu uMaMhlongo.
“Kodwa Anti uhlezi wedwa ugula kanjena?”
Athi uzama ukuphendula ahluleke, kucinane umoya. “Amanzi!” Usho ngezwi elihoshozelayo.
Agijime uNonkululeko abuye nawo, amphuzise.
“Anti, uphi uWandile?”
“Angisamazi lowo, kade ahamba la ekhaya,” usho lokhu uMaMhlongo maqede ahlengezele izinyembezi.
“Kanti yini ngempela inkinga kaWandile ngoba phela ngangithi omama basenkozweni bakhuluma kahle naye wezwa.”
“Mina angazi ukuthi lengane yangizondani.”
UNonku uphekela uMaMhlongo iphalishi ukuze akwazi ukuphuza amaphilisi esedlile. Uyamfunza lona iphalishi uma selivuthiwe.
“Anti ngizocela kumama ukuthi ngizokuhlalisa uze ube ngcono ngoba phela indaba kaWandile ayikho.”
“Ngingabonga kakhulu ngane yami uma kungaba njalo.” UMaMhlongo ubamba isandla sika Nonku. “Ngingakuthokozela ukuthi ngibe nomuntu ozonginakekela.”
UNonku ukhuculula endlini igcine icwebezela. Upheka ukudla okuningi, awashe nezingubo zokulala ezikuwona womabili amagumbi okulala. Ugeza uMaMhlongo. UNonku uphindela kubo uma esanelisekile ukuthi konke kuhamba ngononina futhi noMaMhlongo usethathe isihlwathi sakhe santambama.
Kuma imoto esangweni emuva kwemizuzu eyishumi ehambile uNonku. Kuphuma amadoda amabili kulemoto. Avula isicabha sangemuva atabalase ezama ukukhipha uWandile esihlalweni esingemuva. Akakwazi nokuma uWandile ngendlela adakwe ngayo. Bayazama ukumusiza ame. UWandile uwavalile amehlo udinga usizo lokuzimelela uma ethi uthatha igxathi.
Enye yalamadoda iyamuqubula uWandile, ingene naye endlini imulaxaze embhedeni wakhe. Ulala usuku lonke uWandile, uvuka kuphela uma eyophalaza abuye abuyele embhedeni ashise ubuthongo. Kodwa ngezikhathi zantambama nguye loya uWandile usehlezi phambi kwesibuko, uziphaqula ebusweni, ulungiselela ukuyobhiyoza.
“Wandile ngicela ungenzele into engizoyidla, mntanami. Ngilambile, amaphilisi asebenza ngokweqile namhlanje ngidla kakhulu,” kuzincengela unina.
“Ngipheke? Ngeke ngikwazi ukuqala manje ngipheke. Ubungasho ngani kusanesikhathi ukuthi ngipheke?” Kubhoka uWandile ngolaka.
“Bengizokutshela kanjani njengoba ubungazazi ngisho igama. Angisho ukuthi pheka, uNonku ubesephekile wena ngiphakele nje kuphela.”
“Ohho, ngiyabona. Kade kufike intandokazi yakho. Kungcono ngoba ifike yakuphekela intandokazi yakho,” kusho uWandile ebhuqa unina.
“UNonku uyingane ehloniphayo. Uyingane ebaziyo abantu abadala futhi ungisiza kabi njengoba wena uhleze ungekho la endlini.”
“Vele ngiyazi ukuthi uyintandokazi yakho uNonku. Vele wena Ma awukaze ungithande mina.”
“Ngiyakuthanda, Wandile. Uyingane yami eyodwa vo emhlabeni kodwa awungisizi ngalutho. Wena awusizo lwalutho uyihlongandlebe lengane!”
“Mthathe uNonku wakho lowo umenze ingane yakho. Mina anginandaba nokuthandana kwenu!”
“Buka nje, Wandile. Usuphendule uhide lwamagama kodwa mina ngicele ukuthi ungiphakele. Kodwa khona unendaba ukuthi ngiyaphila noma ngiyafa?”
“Hheyi, Ma! Anginaso isikhathi salento mina!” UWandile uphakela unina, abuye nepuleti, aliganklaze etafuleni elincane eliseceleni kombhede. Ubuyela esibukweni aqhubeke nokuziphaqula elungiselela ukuyobhiyoza.
Kuphela isikhashana asuke esibukweni anyonyobe alunguze egumbini likanina. UMaMhlongo uzumekile. Unyonyoba afike etafuleni eliseceleni kombhede athathe umakhalekhukhwini kaMaMhlongo kanye nemadlana ekhona.
Uvuka isigubhukane uMaMhlongo. “Shiya ifoni yami wena! Shiya ifoni yami kanye nemali yami!”
UMaMhlongo uvukwa iphika esamemeza, aphelelwe umoya. UWandile uthola intuba yokuphuma abaleke. Ufika emgwaqeni akhiphe umakhalekhukhwini afonele uNonhle umngani wakhe ababehlele ukuthi bazohamba naye.
“Sengisemgwaqeni. Asihlangane esitobhini sebhasi manje,” kusho uWandile.
“Kulungile. Awuthi ngipakishe izincwadi zami ngoba ngithe kumama siyofunda, kodwa uthe lingashayi ihora leshumi ngingabuyanga ekhaya.”
“Ungakhathazeki siyobe sesibuye kudala.” UWandile ugcine ekwazile ukuncenga uNonhle ukuthi bahambe naye baye eCubana. Umncemge wamuthembisa ukuthi uzomunakekela nokuthi akukho okubi okuzuzokwenzeka ngoba vele bayozijabulela nje kuphela.
“Ngizoqhamuka lapho manje.” kusho uNonhle maqede avale ucingo
Nangempela aqhamuke uNonhle emuva kwemizuzu emihlanu. Uphethe ubhaka wesikole ogcwele izincwadi. Ugqoke ingubo evulekile futhi ende edlula emadolweni.
“Ngazile ukuthi uzoqhamuka ugqoke umsangano,” UWandile ukhomba ingubo kaNonhle maqede anikine ikhanda. “Ingakho ngikuphathele ingubo yami ezokwenza ube Sexy.”
“Inani kanti ingubo yami? Ngiyithanda kabi lengubo ngoba ihloniphekile. Futhi ivulekile ngikhululeka kamnandi uma ngiyigqokile.”
“Siya ebumnandini. Hhayi esontweni. Mi gqoka la,” usho emnika ingubo emfishane isimanga kanye namakwayikwayi.
“Ngizoshintshela kuphi?”
“Ngemuva kwalesihlahla. Sekumnyama vele futhi akukho muntu osibukayo. Kodwa futhi ngizogada. Shintsha. Shintsha ngokushesha!”
UNonhle uzimpintsha kulengubo emfishane namakwayikwayi. Ubukeka esaba futhi engakhululekile. Kuyacaca ukuthi useyangabaza ngohambo lwabo. “Lengubo imfishane kakhulu, Wandile. Mina angikhululekile ngayo.”
“Ungesabi mngani. Akuve ikufanela. Waze wa-sexy mngani! Uzoyijwayela ngokuhamba kwesikhathi. Okunye okufanele ukwazi ukuthi uma sifika lapha ungatshengisi ukuthi uyimfundamakhwela.”
“Uqonde ukuthini?”
“Unganqabi uma kukhona umuntu ofuna ukuxoxa nawe noma ofuna ukukuthengela isiphuzo.”
“Angizwanga? Okukuqala uyazi ukuthi mina angibuthinti nhlobo utshwala.”
“Ngiyazi phela zikhona ezinye iziphuzo ezingadaki.”
“Kulungile kodwa uma sengithi ngifuna ukuhamba ngiyahamba.”
“Deal.”
Bathatha izincwadi zika Nonhle bazifihle efukwini khona lapha eduze komgwaqo. Emuva kwemizuzu emibili kufika imoto ewuhlobo lwe-Uber. Basho phakathi, ayishaye izule imoto umshayeli ibheke kuFlorida Road.
***
Sitshele umbono wakho: Ucabanga ukuthi kuzokwenzekani kuNonhle?