UWandile uphenya ikhethini lasegumbini lakhe. Sekusele ukukhanya kokugcina okubomvana esibhakakeni njengoba ilanga seliyozilahla konina. Uyazimpintsha engena kwesincane isigqebhezena kanye nesikibha esiveza isisu, i-crop top. Nangu esehlala phambi kwesibuko eziphaqula into engapheli. Kuyabonakala ukuthi unukelwa indlela eqonde kuFlorida Road.
Unina, uMaMhlongo, ungumfunzana embhedeni, ukhwehlela into engapheli. Isifo sofuba, i-Extensively Drug-resistant Tuberculosis (XDR TB) simulalise phansi. Kunzima ngisho ukuvuka ayochama, azigeze noma azifunze ukudla. Unyaka uyaphela manje uMaMhlongo elele phansi.
Ukufa lokhu kwamqala kancane kancane. Wayelokhu engenwa imfiva futhi ekhwehlela igazi. Mihla namalanga udla isiwehle samaphilisi anhlobonhlobo.
“Amanzi! Amanzi! Ngicela amanzi, Wandile!” Kumemeza uMaMhlongo emuva kokukhwehlela.
Ulaka lugcwala emehlweni ngokuphazima kweso kuWandile ngenkathi ezwa kunkeneneza izwi likanina. Akakudingi neze ukubambezelwa unina ngoba vele isikhathi sokuhamba ayobhiyoza sesidliwe inja.
“Amanzi! Wandile! Wandile ngomiwe!” Kuphinda kumemeza uMaMhlongo
“Wandile! Wandile! Njalo! Into eduma ekhanda lakho njalo u ‘Wandile!’ UWandile unxapha kudume khona lokho kunxapha indlu yonke.
“Ngiyagula mntanami, wena ubona ukuthi ngiyazenzisa? Ngabe ngiyasukuma ngizenzele kodwa amandla anginawo.”
Wandile lokhu, Wandile lokhuya! Mina ngikhathele ilento! Kucabanga uWandile.
“Ngingunyoko ngiyakuzala kanti wena waba ingane enjani? Cha mina angizalanga ngabola amathumbu!” Kusho uMaMhlongo maqede aphelelwe umoya.
“Vele wena Ma wangizalelani? Angicelanga ukuzalwa mina!”
“Ngithe ngilethele amanzi wehlongandlebe! Uqale uphendule amagama awuhide ngaphambi kokuba wenze into.”
Uhlinile uWandile njengoba ehamba nojeke ogcwele amanzi ohamba uchitheka indlela yonke esuka ekhishini iya egumbini likanina. Uhamba exegaxenga ngoba izithende zamakwayikwayi awgqokile zincane kodwa zinde. “Nawa amanzi akho ma!” Uthela amanzi akujeke enkomishini maqede ayinike unina.
UMaMhlongo uphuza amanzi, kudambe ukuxineka. Ubukisisa uWandile, “Wandile njengoba ugqoke kanjena ebusuku uyaphi?”
“Ma, ngiyakubo kamngani wami. Siyogubha usuku lakhe lokuzalwa.”
“Mntanami ungangishiya kanjani ngigula kanjena? Uma ngifuna umuntu ozongikhelela amanzi ngizomthathaphi? Khona ngifuna ukuya endlini yangasese? Noma ngi-”
“Njalo nje konke kungawe ngawe ngawe! Kuba nini ngami? Mina ngihlale la ngiphuthwe ubumnandi? Ngiphuthwe ubusha bami? We Mama uyazizwa ukuthi uthini?”
UWandile ushiya uMaMhlongo eshaqekile, ekhexe umlomo. Ukhungwa okunye ukukhwehleka. UWandile ukushaya indiva konke lokho, athathe umakhalekhukhwini ashaye inombolo yomngani wakhe, uNonhle. Ucasuka kakhulu kunakuqala ngoba umakhalekhukhwini kaNonhle uvaliwe.
“Aghhh! Angangigili uNonhle! Angazongifakela i-stress phezu kwesinye!” kusho uWandile.
Izulu liyakhemezela kancane ngenkathi evala umnyango wangemuva efulathela indlu yesakhiwo yakubo. Abantu balapha eMlazi kwa H abalali. Kuhlezi kuphithizela emgwaqeni. Babodwa abaphuma emsebenzini. Babodwa abayothenga ezitolo. Phela izitolo ezidayisa inyama yangaphakathi, amagwinya, izingingila ezosiwe kanye ne-chicken dust sigcwele kulendawo. UWandile uwahogela wonke lamaphunga njengoba ehamba eqonde kubo kaNonhle.
“Isinqe ma!” Kumemeza insizwa emgwaqeni ngenkathi kudlula uWandile.
“Kahle wena sqanganyane!” Kuphendula uWandile maqede anxaphe.
Uqhubeka nendlela uWandile. Uvele akhumbule uyise bandla. Uyise wayengafuni lutho ngaye. Wayehlezi emvikela njalo. Ngisho edlala nezinye izingane uyise wayefika esegijima ezomthulisa uma elimalile. Uzizwa efudumala enhliziyweni uma ecabanga uyise emqubula ebuyela naye endlini emuva kokuhuzuka edolweni ekade edlala nezinye izingane.
‘Ngizohlezi ngikunakekela njalo mbali kababa,’ kwakusho uyise uDlamini esaphila.
Inhliziyo kaWandile ishaya ngokubanda njengoba ecabanga ngokuthi isiyaguquka kangakanani impilo yakhe. Ukushona kukayise kwaletha usizi emphefumulweni wakhe. Uwudlulisa ngokushesha lowo mcabango, ashiye okwakudala lapho kufanele kusale khona. Ubuyisa umqondo eqinisweni aliphilayo manje. Iqiniso elithi uma ehluleka ukuletha intombazane entsha kuma-blesser alawula impilo yakhe, uMax noMzi, uzothola isibhaxu esinzima. Iqiniso elithi kufanele azame imali ngayo yonke indlela ukuze aphile.
“Ngiyayinyanya impilo yami,” usho esula imvula ebusweni kanye nezinyembezi emehlweni.
***
Sitshele umbono wakho: Ucabanga ukuthi yini edala ukuba uWandile uphathe unina ngalendlela ebuhlungu amuphatha ngayo?