Uyiqhoqhobele uSandile lemoto ivumile, uyikhuphula njalo iphikelele khona kwandonga ziyaduma.

Avele akhale uThemba lana eceleni kwakhe, akhale kabuhlungu kuzwele kuSandile. Adideke angazi ukuthi lento yalensizwa ekhalayo usezoyithini ke manje yena. Ehlise isivinini, usehamba kancane manje, ubuka uThemba akazi uma ethi uyamthulisa uzoqala athini ngoba akazi nokuthi kwenzenjani kangaka kulendoda.

“Qina Mzilikazi kaMashobane, izimo ziyafika endleleni kodwa ziyadlula mfowethu, konke lokhu obhekene nakho okwesikhashana,” kusho uSandile ezama ukududuza lensizwa.

Kodwa kubonakale nje ukuthi ayizwakali lenkulumo kuThemba. Azame nokumthinta emhlane ngenhloso yokuthi akehlise umoya kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Izayoni ezihubayo nazo azithule lana emsakazweni.

“Ukukhuluma Mashobane kuyasiza noma kubuhlungu nje kodwa kona kuyasiza bhuti,” kuqhubeka uSandile.

“Mfethu uthi kuyadlula, ukusho kanjani ukuthi izodlula into engiyibonile? How do I unsee something?” kubuza uThemba ngezwi elikhalayo.

Kuthuleke lana emotweni. USandile akakwazi ukuphendula ngoba akazi vele ukuthi uzobe ephendulani kakade.

“Shabalala ngitshele mfowethu ukuthi mina ngizoba yini ebantwini esangalwa kangaka kubo?” kubuza uThemba ekhala. “Umndeni wami wona ngizowubhekelwa ubani Shabalala mfowethu?

USandile adideke okokugcina manje ngoba akayazi lemibuzo engaka uzoyiphendula kanjani. Okukhulu nakakhulu ukuthi lemibuzo abuzwa yona akazi nokuthi isukela kuphi. Kuvele kube muncu lana emotweni ngoba naye uSandile akazi ngempela ukuthi lento uzoyibuza kanjani. Phela ukuze ezokwazi ukuthi kube namazwi angamsiza ngawo kumele alwazi udaba ukuthi lusuka kuphi. Akwaziyo nje manje ukuthi ubone isiphihli sento emuxakile uma eseyibonile. Angakwazi ukuthi nguye yini ohambe wayocinga leso siphihli, ngoba uma kunguye uzokwazi ukumtshela ukuthi ngokuzayo angazicingi izinto ezizomlimaza.

“Mashobane ngiyazwelana nawe kodwa angazi uma kunjena ukuthi kumele ngithini nokuthi ngikululeka kanjani,” kusho uSandile.

UThemba amubuke bese athi, “Akukho kululekana uma kunjena bafo”. Alalise isihlalo lesi ahleli kuso ngenhloso yokuzama ukuthola isithongwana kodwa kwale asiqale phansi isililo.

Uthe lana ethola khona ukudonsa umoya waluqala udaba lwakhe.

“Mnewethu izolo ngisheshile ukuqeda emsebenzini ngase nginquma ukushesha ngibuyele endlini,” kulanda uThemba.

Isihamba kancane manje imoto ngoba uSandile unalento ethi uzoyizwa kahle ke manje lento ekhalisa lensizwa kangaka.

“Ngifike ngathola kunemoto engingayazi emzini wami epake ngaphakathi egcekeni, kungixake lokhu ngoba isango lasekhaya livulwa ngogesi. Pho ke ingene kanjani lemoto lana ngaphakathi? Ngingabe ke ngisayifaka ngaphakathi eyami ngiyimise ngaphandle emgwaqeni,” kuqhuba uThemba.

Usewehlisile manje umsakazo uSandile, awusakhaleli phezulu njengoba ubukade ukhala belokhu besukile.

“Ngangena ngaphakathi ekhaya ngathola isicabha sidonsiwe nje kodwa singakhiyiwe. Ngingene ngaphakathi endlini ngibheke i-alarm ngithole ukuthi icishiwe okusho ukuthi lezi zigebengu ziyayazi into eziyenzayo ngempela. Ngaphuma ngashayela onogada abaqapha kulendawo esihlala kuyo ukuthi bezongilekelela ngoba phela lana endlini akumele ngabe kukhona umuntu okhona,” kusho uThemba.

“Kwabe sekwenzeka njani?” Kubabaza uSandile.

“Ophendulile uthe ngeke kuphele imizuzu emithathu bengafikile ngoba kukhona imoto ekhona lana eduzane eqaphe khona kulendawo engikuyo, wathi angilinde endaweni ephephile baze bafike,” kusho uThemba.

Sitshele umbono wakho: Wena ubuzokwenza kanjani uma uzithola usesimweni esifana nalesi azithola ekusona uThemba?